LIYISWE enkantolo yesifunda icala elibhekene nabamangalelwa ababili abasolwa ngokukhwabanisa izishaqane zemali yomqashi wabo.
UNksz Phindile Khoza noMnuz Nkosingiphile Bhengu bavele izolo, eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, ngecala lokukhwabanisa imali yomqashi enkampanini yonogada iCalvin and Family Security.
IMantshi uQuim de Freitas ike yathi ukulibuyisela eceleni isikhashana leli cala, ithi inkantolo yayo ayinalo igunya lokulilalela, yagcina ilihlehlisela uMashi 4.
Ilihlehlisa, ithe lizodluliselwa enkantolo E, lapho okuhleli khona iNkantolo yesiFunda saseThekwini.
Ezwakalisa ukumangala kwakhe, ubuze ukuthi lingene kanjani ohlwini lwamacala abezolalela iyona?
“Leli cala limayelana nokukhwatshaniswa kwemali engaphezu kukaR900 000. Imali enkulu kabi le, ubani ogunyaze ukuthi lize kule nkantolo?” kusho imantshi.
Ngesikhathi uMbuso uveza ukuthi abamangalelwa bayeba izigaba ezahlukene imali, uDe Freitas, uthe yize kunjalo, lokho akusho lutho ngoba uma seliqulwa kuhlanganiswa yonke imali eyebiwe ibe yisamba esisodwa.
Umshushisi uMnuz CP Dludla ube esenza isicelo sokuthi lidluliselwe enkantolo E.
Ummeli wabasolwa, uNksz Zinhle Mzimela, uke wezwakalisa ukuthi amakhasimende akhe afuna ukufaka isicelo sebheyili.
Nokho uDe Freitas akagxilanga kulesi sicelo, ethi singafakwa esikhathini esiyizinsuku eziyisikhombisa ezizayo.
Isolezwe lithinta umqashi wabamangalelwa, uMnuz Calvin Mathibeli, uthe bekunguNovemba nyakenye, ngesikhathi bebamba ukuthi abamangalelwa bakhwabanisa imali enkampanini. Uthe baqala ukuyikhwabanisa ngoJulayi nyakenye.
“Sathi uma sibuka amaholo abasebenzi, saqaphela ukuthi kukhona i-site enesibalo esikhulu ngendlela engajwayelekile sabasebenzi nokuholele ekutheni kube nesamba esisolisayo samaholo,” kusho uMathibeli.
Uthe bathi uma sebecwaninga kahle amabhuku, bebheka nehhovisi lakwandaba zabantu, kwavela ukuthi abamangalelwa bafake abasebenzi abangu-30 abayizipoki.
Uqhube wathi laba ababili, athe bebesehhovisi lenkampani eliseDurban North, bazama ukugqiba ubufakazi ngokuthi basebenzise inombolo eyimfihlo yesinye isisebenzi ukususa lonke ulwazi lwalezi zisebenzi eziyizipoki ababezifakile kodwa amakhamera aveza ukuthi yibona.
Uthe ngokolwazi lwabo, laba ababili baqale ngoJulayi nyakenye, ukugila imikhuba, wathi ngoSepthemba nango-Okthoba, bakhwabanise imali engaphezu kukaR300 000 inyanga ngayinye.
Uveze ukuthi uBhengu ubenonyaka eqashiwe kanti uNksz Khoza enezinyanga eziyishumi. Bobabili bebesebenza kwa-Payroll.
Udalule ukuthi bobabili babaleka emsebenzini emva kokuvela kwalo mkhonyovu, wathi uNksz Khoza wabuyisa uR100 000 wemali ababeyikhwabanisile, waxolisa wathi enye bazoyikhokha kancane.
“Engikufunayo ukubona umthetho udlala indima yawo ngoba sifike sinike abantu amathuba omsebenzi, bona bese bebona kugcono ukuthi basigebenge,” kusho yena.