LIBHEKWE isambane iphoyisa elilahlwe icala lokubulala unkosikazi walo njengoba ummeli walo evumelana noMbuso kwelokuthi kufanele lithole isigwebo esiqinile.
Ummeli kaMthokozisi Nene, u-Advocate Shane Matthews, utshele inkantolo ukuthi uNene ufanelwe isigwebo esingaphezu kweseminyaka engu-15 okuyisigwebo esincane kunazo zonke esinganikwa umuntu olahlwe icala lokubulala.
UNene ulahlwe icala lokudubula abulale unkosikazi wakhe, uNkk Thobeka Nene, owabulawa ngo-2022 emzini wabo oseNtshanga.
INkantolo eNkulu eMgungundlovu inikeze UMatthews ithuba lokuba ashwelezele uNene ukuba anganikwa isigwebo esiqinile.
UMatthews uvele wenza okungajwayelekile, watshela inkantolo ukuthi uNene ufanelwe isigwebo esiqinile.
“Libi icala olenzile, ufanelwe ukudonsa isikhathi eside, mhlawumbe nodilikajele ukufanele.”
Okushiwo UMatthews kuhambisana nokushiwo uMbuso, ocele ukuthi uNene anikwe isigwebo esiqinile.
UMatthews uthe nakuba engamele uMbuso kuleli cala, uyakuqonda ukuthi icala elenziwe uNene likhulu kakhulu.
“Ngike ngezwa uMbuso ubalula ukuthi isigwebo esincane esinikwa umuntu olahlwe icala lokubulala kuba iminyaka engu-15. Umuntu owenze icala elifana naleli ufanele ukuthola isigwebo seminyaka engaphezu kuka-15. Lapha enkantolo sizwe ubufakazi bokuthi umufi wazikhalela, ecela ukuba angabulawa. Sizwile ukuthi wahudulwa phansi.”
UMatthews uthe uNene usamile kwelokuthi umsulwa.
“Ngimcelile ukuthi akazochaza ukuthi kwenzekani ngempela ngosuku lwesigameko, kodwa walokhu emile kwelokuthi umsulwa.”
UMbuso ufunde isitatimende sikanina kamufi, uNkk Thandekile Msomi, nesikadadewabo kamufi, uNksz Halala Msomi.
Bobabili bacele ukuthi uNene anikezwe isigwebo esiqinile.
Bathe bayasaba ukuthi angase abenzakalise uma engasheshe adedelwe.
UNkk Msomi uthe kubahlukumezile emiqondweni ukubulawa kwendodakazi yakhe.
“Izingane ziyasaba noma uzithuma kwenye indlu. Ebusuku sisheshe sivale iminyango ngoba siyasaba. Mina senginenkinga yokuvele ngiwe esithubeni, ngidla imishanguzo ngenxa yokuthi nginenkinga yenhliziyo, ngihlushwa nawushukela.”
UNkk Msomi uthe amantombazane amabili azalwa indodakazi yakhe noNene, awenzi kahle esikoleni, wathi useze wabizwa watshelwa ukuthi kufanele abonane nodokotela wengqondo.
Enye indodakazi yayineminyaka engu-12 ngesikhathi kubulawa unina, enye yayineminyaka eyisithupha.
UNkk Msomi uthe kwaphoqeleka ukuthi abazukulu bakhe bakhishwe esikoleni esizimele ababefunda kuso ngoba wayengasekho umuntu ozobakhokhela.
UNene ubefake ikhanda phansi ngesikhathi kuqhubeka icala.
Bekulokhu kuzwakala amagama ayiziswana evela kumalungu omphakathi abegcwele enkantolo.
UNene uzogwetshwa ngoSepthemba 30.
Abebezolalela icala bathe baphoxekile ukuthi uNene akazange agwetshwe izolo, bathi bebejahe ukuzwa ukuthi uzothola isigwebo esingakanani.