IJAJI uRatha Mothgoatlhe lihluleke ukuzibamba langenela abameli babamamngalelwa ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa ngo-2014, owayengunozinti weBafana Bafana kanjalo ne-Orlando Pirates. IJaji likhala ngokuthi kubona akekho noyedwa otshela uZandie Khumalo ukuthi ayikho indaba yabantu abangena endlini badubula uSenzo.
IJaji likhale ngokuthi, indaba yokulokhu bebuza uKhumalo ukuthi abantu babukeka kanjani, ikahle kodwa abahlulwa ukukwenza ukutshela yena uKhumalo ukuthi lento ayishoyo yokuthi kwangena abantu ayikho. IJaji likholelwa ukuthi imibuzo ebheke kuKhumalo ingaba yinhle kodwa kuyashoda uma bengamtsheli ukuthi ayikho indaba yabantu abangena endlini
IJaji belicikwa nawukuthi omunye wabameli ubegxile ekutheni isibhamu saqhuma kangakhi. Ummeli omele ummangalelwa wokuqala nowesibili uzamile ukuchazela ijaji ukuthi ubufakazi bakhe bekukhomba khona ukuthi, abekho abantu abangena endlini badubula uMeyiwa.
IJaji limbuze ukuthi, limtshelile yini uKhumalo ukuthi abekho abantu abangena endlini, wavuma ukuthi akamtshelanga.
Kuze kwasukuma ummeli wommangalelwa wesihlanu, u-Adv Zandile Mshololo watshela ijaji ukuthi yena akakalitholi ithuba, naye ucela ukuthola ithuba kuqale, angabhangqwa ngabhande linye nabanye abameli.
Leli cala lihlehliselwe usuku lwangoMsombuluko, uZandie Khumalo uyena osazoqhubeka nokufakaza.