LIPHINDE lahlehla icala elithinta izibhelu zomtapo zangoJulayi ngenxa yokuthi abanye abamangalelwa abanabo abameli.
Abasolwa abacela ku-60 bavele eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesithathu ekuseni.
Abamangalelwa bathweswe amacala okwakha itulo lokususa udlambedlu emphakathini, ukugqugquzela udlame emphakathini, ubuphekula, ukuvukela uMbuso nokwakha itulo lokuzama ukubulala
Icala labo lihlehliselwe uJulayi 26 nonyaka ukuze uMbuso nabameli bashintshane ngemiqingo yecala bese kwenziwa izindlalelo zokuqala kwalo.
Ijaji lithe le sikhathi sizonikeza ithuba abamangalelwa abangenabo abameli ukuba babathole.
Omunye wabamangalelwa uNksz Ntombizodwa Zanele Msalela kuvele ukuthi ushone kulo nyaka.
Icala lingene kule nkundla ngoJanuwari nonyaka lisuka kweyesifunda kodwa alinyakazi.
UMbuso uthe iseyinselelo eyokutholela abanye abamangalelwa abameli nokuyinto ebambezela icala.
Kwaba esifanayo ngesikhathi icala lihlehla ngoMeyi nonyaka. Abanye abamangalelwa abezanga enkantolo ngezizathu ezehlukene.
Enkantolo kuvele ukuthi omunye ummangalelwa uyoteta, kwathi omunye wabika ukuthi uvaleleke esiminyaminyeni sezimoto ekuseni nokuthe uma elandelelwa ngocingo wangabe esatholakala.
Bakwabahlanu ijaji eligunyaze ukuthi baboshwe uma bengalubhadi enkantolo ngokuzayo.
Abanye babamangalelwa bebegqoke izimpahla zeqembu lezepolitiki, uMkhonto weSizwe enkantolo. Ngaphakathi enkantolo bahlala bagcwala wonke amabhentshi.
Izibhelu zaqala KwaZulu-Natal zenabela ezingxenyeni zaseGauteng. Zadlula nemiphefumulo yabantu abangu-350.