UMA kubhekwa izindaba ezidonse amehlo abantu abaningi kulo nyaka, ngeke lisale ngaphandle icala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa. Umufi wadutshulwa washona ekubo kwentombi yakhe ewumculi, uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng, ngo-2014. Ukufa kwakhe kwaba yimpicabadala ngoba kuze kube namuhla akukagwetshwa muntu ngakho.
UMbuso ushushisa abalisa abahlanu okholwa wukuthi banolwazi ngokubulawa kukaMeyiwa. Abamangalelwa nguMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya (36), owaboshwa eTembisa, eGauteng, nguMnuz Bongani Sandiso Ntanzi (31), owaboshelwa eSibanye Gold, eNorth West, lapho esebenza khona, nguMnuz Mthobisi Prince Mncube (38), nguMnuz Mthokoziseni Maphisa (37) noMnuz Sifisokuhle Ntuli. Bonke bayawaphika amacala abathweswe wona. Bathweswe amacala elokubulala, ukuzama ukubulala, ukubamba inkunzi behlomile nokuphatha isibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Ngo-Ephreli 26 kwabizwa ufakazi wokuqala woMbuso, uSeargent Thabo Mosia, oyiphoyisa elafika endaweni yesigameko laqoqa ubufakazi. UMosia wethula ubufakazi bakhe, waphekwa ngemibuzo enzima ngummeli, u-Advocate Zandile Mshololo, ogqame kakhulu kuleli cala. Abaningi babonakala bekujabulela ukuthamela ubufakazi bukaMosia ikakhulukazi esephekwa ngemibuzo.
Ufakazi wesibili woMbuso kwaba nguSeargent Patrick Mlungisi Mthethwa naye oyiphoyisa elafika endaweni yesigameko. UMthethwa wavela njengofakazi onolaka nenhliziyo encane, ebhoka ephendula nangokungahloniphi enkantolo.
Kwashaqeka abaningi ngesikhathi kuvela ukuthi kunedokodo lesibili ngokufa kukaMeyiwa ekubeni kukhona elinye elaliqulwa enkantolo. Udaba lwedokodo lesibili labangwa kakhulu enkantolo. UMbuso ugcine umemezela ukuthi uyothatha isinqumo ngedokodo lesibili uma sekuphele ukuqulwa kwecala.
Okunye okwagqama kakhulu kuleli cala wukuboshwa kommeli wabamangalelwa, u-Advocate Malesela Teffo, owashaqwa ngamaphoyisa kubuka izwe lonke kwithelevishini. Kwavela ukuthi uTeffo wethweswa amacala okushaya owesifazane nokungena ebhilidini lamaphoyisa engavumelekile. UTeffo wakhala ngokuthi ucushelwe umgoga ngabathile abayizikhulu abafuna aphume aphele ecaleni lokubulawa kukaMeyiwa.
NgoJulayi kwamangala abaningi ngesikhathi uTeffo ebika ukuthi uyahoxa ukumela abamangalelwa, washiya uMnu Thimothy Thobani, ayenaye ethimbeni labameli. Ngaphambi kokuhoxa, uTeffo wayegqame ngokutholana phezulu neJaji Tshifhiwa Maumela bebanga indlela okufanele kwenziwe ngayo izinto enkantolo.
Emuva kokuhoxa kukaTeffo kwavela izindaba zokuthi inkantolo inqume ukuthi akhishwe ohlwini lwabameli nokuyisinqumo esasisho ukuthi kuyaphela ngaye kwezomthetho. Kwavela ukuthi lokhu kwakudalwa wukuthi ziningi izikhalo ezikhona ngaye nendlela asebenza ngayo.
IJaji Maumela labuye lavela njengomuntu onolaka, ofuna ukuthi kulandelwe umthetho, izinto zenziwe ngendlela ngesikhathi ekhipha abezindaba. IJaji Maumela lalicasulwa wukuthi kwavela ukuthi abezindaba baxina eduze ufakazi, uMnuz Tumelo Madlala, befuna ukumphosa imibuzo. Kuthiwa wabaleka waze wangena egumbini thizeni enkantolo.
Kuphinde kwaba nesiwombe esicishe sifane ngenyanga edlule, uNovemba, ngesikhathi abezindaba bekhishelwa ngaphandle emuva kokuvela kobuso bukaMadlala kwithelevishini. Udaba lwaxoxwa, babuye bavunyelwa ukubuyela ngaphakathi abezindaba. UMadlala ungomunye wabantu ababesendlini ngesikhathi kubulawa uMeyiwa.
UMadlala wayengumngani kamufi oqavile futhi kuthiwa nguyena umufi ayemcele ukuthi ayomvakashela eGauteng kanti kuzokwenzeka isigameko sokubulawa kwakhe. UMadlala waphuma nommangalelwa wesibili, uNtanzi, wathi nguyena owangena endlini wadubula wabulala uMeyiwa. Ngesikhathi ekhonjwa uNtanzi, wabonanakala enikina ikhanda emoyizela samuntu ongathi ubabaza umhlola omehlelayo.
Kuthe ngenyanga edlule sekulindeleke ukuthi kungene ufakazi wesine ecaleni likaMeyiwa, kwathushuka ummeli omusha, uMnuz Sipho Ramosipele, owabika ukuthi uzomela ummangalelwa wokuqala nowesibili, uSibiya noNtanzi, nokwakusho ukuthi uyadilizwa uThobani obebamele. Ukuvela kommeli omusha kwaphoqa ukuthi icala lihlehlele unyaka ozayo ngoMeyi.