EMIZAMENI yokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa ngokobulili esibonakala sidlondlobala eMlalazi, iMeya yakhona uNkk Queen Xulu ngokubambisana ne-Ayanda Msweli Foundation, basungule umkhankaso othi “Phefumula Ndoda GBV Tour”.
Kulo mkhankaso, abesilisa baphumele obala okokuqala ngeziwombe zokuhlukunyezwa kwabo ngomaqondana babo kwezothando.
UNkk Xulu uthe njengoba engusihlalo weWomen Commission kwiSalga, ubonile ukuthi lezi zigameko zenyuka ngesivinini nokuholele ekutheni aphushe ukuthi kusungulwe lo mkhankaso.
“Inhloso ukuthi sizwe amadoda egonyuluka ngokuthi kungani egcina enza izehlakalo zokuhlukumeza ngokobulili?” kusho uNkk Xulu.
Kwehle izinyembezi kwabaningi kwaphinde kwacoshwa nezifundo ngesikhathi amadoda amathathu ebhoboka ngokuhlukunyezwa kwawo.
UNkk Xulu uthe lo mkhankaso awusiyo into ezohamba ihambe inyamalale njengoba kuvela ukuthi sikhulu isidingo sokuthi uqhubeke.
“Sihlose ukuthi singayikhi phezulu kodwa silwe nezimpande zokuhlukunyezwa kwabantu ngokobulili. Yingakho sisungule into efana nale lapho amadoda ezokhuluma khona ukuveza izinkinga abhekene nazo,” kusho uNkk Xulu.
Uthe emva kokulalela ukubhoboka kwabagilwa besilisa, kudwebeke isithombe esicacile sokuthi ukuhlukunyezwa ngokobulili kuyenzeka kubo bonke ubulili.
“Kuzofanele singakhethi iphela emasini uma sibuka ububanzi bale nkinga. Uma sibheka umsuka wesihlava sizibeka emathubeni amahle okuthi sigcine sikwazile ukusinqoba isihlava,” kusho yena.
Uthe imikhankaso efana nale okumele yenziwe ukuze kukwazi ukuthi amadoda anikwe indawo efanele yokugonyuluka kungaze kufike isikhathi lapho ezokwenza khona okubi.
Uveze ukuthi wonke amadoda aphumele obala azonikwa usizo lokululekwa ngokwengqondo kuphinde kulekelelwe nalabo abafuna ukuvula amacala.
Wenze isicelo sokuthi amaphoyisa ayiyeke le nto yokuthi aphendule inhlekisa amadoda ahlukunyezwayo uma ezovula amacala.
Okhulumela i-Ayanda Msweli Foundation, uNksz Sphume Mathe uveze ukuthi ukuqala kwabo kokusebenzisana nomasipala kwenzeke ngesikhathi beveza amacala abantu besilisa kwiYoutube Channel yabo, lapho bekunabesilisa abaphumele obala nezinkinga zabo ezicishe zabaholela ekutheni babulale.
“UMeya uthe asiqale sisebenzisane, khona sizoyithatha siyilethe emphakathini,” kusho uNksz Mathe.
Uthe abesilisa abeza ngaphambili, bazizele ngokwabo, ayikho indlele ethile abakhethwa ngayo.
Uthe inhloso yenhlangano ukuthi ihambele amarenke ehlukene lapho kugcwele khona abantu besilisa ukuyokhulunywa ngesihlava.
Uthe bazohambela kakhulu izindawo zasemakhaya, emalokishini ngoba ikhona lapho kugcwele khona izehlakalo zokuhlukumeza.