ISIKHULU se-IEC KwaZulu-Natal, uNkk Ntombifuthi Masinga, sithi benze konke okusemandleni ukulungiselela ukhetho futhi sebemi ngomumo.
UNkk Masinga ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni isikhungo semiphumela yokhetho izolo okuyi-ICC, eThekwini. Kulindeleke ukuthi izwe lube nokhetho lukazwelonke olubhekwe ngabomvu ngoLwesithathu oluzayo.
Ukhetho lwangesonto elizayo luzobe luqoka uhulumeni wehlandla lesikhombisa kusukela ngo-1994. Kunjalo nje nonyaka kuphela iminyaka engu-30 yombuso wentando yabantu.
Kubonakele ukuthi isikhungo semiphumela sesimi ngomumo sekufakwe bonke ubuxhakaxhaka besimanje.
UNkk Masinga uthe baneziteshi zokuvota eziwu-4 974 esifundazweni, eziwu-117 ezesikhashana. Uthe iziteshi eziyisishiyagalolunye ezingomahamba nendlwana. Wathi kukhona ezingu-35 ezizobe zibhekene nabazovota besemajele.
UNkk Masinga uthe bangu-5.7 million abantu ababhalisele ukuvota KwaZulu-Natal, bazoba namaphepha anele ukuthi bavotise bonke abantu abafisayo. Uthe akushintshe lutho ngesikhathi sokusebenza, izikhungo zizovulwa ngo-7 ekuseni zivalwe ngo-9 ebusuku.
Kukhunjuzwe abantu ukuthi baphathe omazisi babo uma sebeyovota ezikhungweni futhi bavote lapho ababhalise khona. Uthe abantu abazovunyelwa ukuvota lapho bengabhalisanga khona, yilabo abafake izicelo zalokho ngaphambi kwesikhathi.
Kulindeleke ukuthi ngoMsombuluko kuqale kuvote labo ababhalisele ukuvota ngokukhethekile kuze kukapakele kuLwesibili. Kuyothi ngoLwesithathu bese kuvulwa izikhungo kuvote uwonkewonke.
UNkk Masinga uthe angu-33 amaqembu angenele ukhetho KwaZulu-Natal, azodlana imilala ngoLwesithathu ngoMeyi 29, uma sekuvotwa.
UNkk Masinga ubengahambi yedwa kodwa bekukhona noMnuz Glen Mashini, onguSihlalo we-IEC kuzwelonke. UMashini ugcizelele ubumqoka bokuba nokhetho olukhulekile.
UMashini unxuse abantu bakuleli ukuthi balekelele ukuthi ukhetho luhambe kahle bahloniphe yonke imiyalelo babambisane ne-IEC.
IPhini loMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba, lithe nabo bami ngomumo ukuqapha ukhetho. Uthe kuzoba namaphoyisa kuzo zonke izikhungo bese kuba nalezo zindawo abazihlonzile abazoziqapha ngokuthe thuthu.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uncome i-IEC nezinye izinhlaka ngokubambisana ngezinhlelo zokhetho. Uthe nabo bewuhulumeni wesifundazwe bazinikele ekutheni balekelele ukuze ukhetho lube yimpumelelo.
Umcimbi ubuthanyelwe nayilabo abamele amaqembu ezepolitiki esifundazweni. Kubonakele nezokuphepha ziqinile esikhungweni futhi kuthiwa sizohlala sigadiwe.