UMENGAMELI uMnuz Cyril Ramaphosa namuhla uhambele iHesto Harness okuyinkampani enkulu ekhiqiza izintambo zezimoto engaphansi kweMetair Investments, KwaDukuza.
Namuhla kwethulwe uhlelo lokunwetshwa nokwakhiwa kwendawo entsha yeFord ne-Isuzu. Ngaphansi kwalolu hlelo kukhona nezinye izinkampani ezincane okubalwa kuzo i-Unitrade 745, i-Automould, iLumotech neSupreme Springs, ekhiqiza izinhlobonhlobo zezintambo, amapulasitiki nama-chrome plated parts, ama-suspension parts kanjalo namalambu angaphambili nawangemuva akhiqizwayo.
Kuzokhiqizwa izintambo zezinhlobo zakamuva zeFord Ranger ne-Isuzu, ezizothengiswa kuleli naphesheya. Lokhu kudale amathuba omsebenzi angaphezu kuka-4000 esifundeni, okuphindaphindeke kabili inani labasebenzi abangabantu abasha futhi u-70% wabo abesifazane.
URamaphosa ehamba noNgqongqoshe wezoMnotho u-Ibrahim Patel, uNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube ngoNgqongqoshe wezoMnotho KwaZulu-Natal uSiboniso Duma bakhonjiswe le ngxenye entsha.
Umphathi omkhulu weHesto uWilliam Hilditch uncome kakhulu abasebenzi, abaphathi nezikhulu zale nkampani ngokuzinikela nokusebenza ngokuzikhandla.
Uthe lolu hlelo lwandise amathuba omsebenzi kubantu baKwaDukuza namaphethelo.
“UHesto ungumqashi omkhulu endaweni futhi uyaziqhenya ngokubamba iqhaza ekufukuleni umphakathi omkhulu wesifunda iLembe. Ukwesekwa uhulumeni yikona okuhehe iFord ne-Isuzu bavula leli thuba lokuthi i-Hesto ikhulise ukusebenza kwayo, KwaDukuza futhi ibe neqhaza elikhulu ekuqashweni kwabantu abaningi, ekukhuleni komnotho, nasekuthuthukisweni kwamakhono,” kusho yena.
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uhambele inkampani enkulu KwaDukuza iHesto Harness njengoba kuvulwa Igatsha leFord ne-Isuzu. Umengameli uphelezelwa uNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube ngoNgqongqoshe wezeMnotho kuZwelonke uMnuz Ibrahim Patel nowesifundazwe uMnuz Siboniso Duma pic.twitter.com/2cCjwBj1QV
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) September 13, 2022