KWEHLE umthwalo ngokudla kakhisimusi kwizaguga zaseNgwelezane zigixabezwa ngegilosa namakhekhe odumo. Zingaphezulu kuka-200 izaguga ezihlomule ngegilosa okubalwa ukudla okukhulu, izibiliboco namakhekhe kaKhisimusi ngaphansi koMasipala uMhlathuze. Lezi zaguga obekukhona kuzo nomkhulu ziqinisekisile ukuthi akekho ozoziqola ahlomule engaziwa noma engekho ohlelweni lazo njengoba zinekomidi eliqondile elisebenzisane nabamasipala ukuqinisekisa ukuthi akwenzeki iphutha. Leli komiti liholwa uNkk Abbie Mchunu ozwakalise okukhulu ukujabula ngabakwenzele umasipala.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi imeya yomasipala uMnuz Xolani Ngwezi eqeda unyaka ehhovisi. UNgwezi uthe yize abantu abadala behola impesheni nezibonelelo zikahulumeni ezahlukene kodwa akusho ukuthi bashiywe ngaphandle ezinhlelweni zikahulumeni.
UNgwezi wethule nazo zonke izinhlelo zokuthuthukiswa kwengqalasizinda ezizokwenziwa umasipala ezinye zazo eseziqalile. Phakathi kwezizokwenziwa ngonyaka ozayo ubale nokusondezwa kwesikhumulo sezindiza sibe seduze nothelawayeka womgwaqo u-N2. "Ukusondeza isikhumulo sezindiza kuzosiza nokuheha abatshalizimali. Kuningi okungenziwa ukuthuthukisa umnontho nedolobha ngokusukunyelwa kwesikhumulo sezindiza," kusho uNgwezi.
Izinhlelo zokufundisa abadinga ukuya emanyuvesi uNgwezi uthe bazibeke phambili ngoba naye uqobo wahlomula kulo uhlelo lwemifundaze kamasipala.