UMENGAMELI wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, ugcine eliqokile ibhodi elisha leSABC ngemuva kwezinyanga inhlangano esakazela umphakathi, isebenza ngaphandle kwebhodi.
Leli ibhodi libekelwe iminyaka emihlanu lisebenza ngokuhambisana nemigomo yeSigaba 13(1) somthetho wezokuSakaza ka-1999.
Amalungu azobe eholwa nguMnuz Khathutshelo Ramukumba onguSihlalo, esekwa nguNksz Nomvuyiso Batyi oyiPhini lakhe. Amanye amalungu aqokiwe nguDkt Renee Horne, ngu-Adv Tseliso Thipanyane, Phathiswa Magopeni, Aifheli Makhwanya, Magdalene Moonsamy, Rearabetsoe Motaung, David Maimela, Dinkwanyane Mohuba, Mpho Tsedu noPalesa Kadi.
Enkulumeni yokwethula ibhodi, uRamaphosa uthe iSABC yinhlangano ebalulekile embusweni wentando yabantu. Wathi unethemba lokuthi ibhodi lizosebenza ngokuzikhandla, ukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika iyazuza enhlanganweni esebenza ngokuhleleka nangokuzimela.
Inyunyana yabasebenzi iCosatu, ithi iyakwamukela ukuqokwa kwebhodi futhi sekunesikhathi lidingeka.
Ekhuluma nabezindaba uMnuz Matthew Parks, ongumdidiyeli weCosatu ePhalamende uthe, unethemba lokuthi ibhodi ngeke ligxambukele futhi liphazamise ukusebenza kwenhlangano.