INHLANZI izoshelwa amanzi kwizaphulamthetho, nasemigwaqweni engothelawayeka eThekwini, emva kokwengezwa komacekeceke bezimoto zamaphoyisa ezinesivinini esiphezulu.
ITheku lengeze izimoto eziwu-50 okubalwa kuzona ama-VW Golf 8 GTI, ama-Ford Ranger namaveni kwa-Isuzu.
Ngonyaka owedlule, ngoNovemba, la maphoyisa ethule izimoto zawo ezintsha amaToyota Cross awu-50.
Sezizonke izimoto ezintsha zalawa maphoyisa ezithengiwe zingaphezu kuka-150.
UKhomishana wamaPhoyisa kaMasipala waseThekwini, uSibonelo Mchunu, uthe bazokhuculula izigebengu, abantu abashayela budlabha nalabo abafunwayo.
Uqhube wathi inhloso enkulu ukuba banciphise ubugebengu futhi amaphoyisa abonakale kulezo zindawo ezithathwa ngokuthi zinobugebengu obuxakile.
Udalule ukuthi iTheku lihleli endaweni yesithupha komasipala abakhulukazi emhlabeni jikelele ngokuba nesibalo esiphezulu sobugebengu.
Uthe ufuna kushaye unyaka ozayo usubonakala umehluko, sebengale kukanombolo 20.
“Njengamanje singaphansi kwamadolobha iGoli, iTshwane noMgungungundlovu ohleli endaweni yokuqala. Asihleli siyasebenza. Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi buyancipha ubugebengu,” kuchaza uMchunu.
Mayelana nokuqashwa wamaphoyisa amasha alo mkhandlu, ukwengeza esibalweni esikhona, uMchunu uthe iyabhubhudla inkezo.
Phambilini uMchunu watshela Isolezwe ukuthi umasipala ungemuva esibalelweni samaphoyisa okumele ngabe unawo.
UMchunu uthe njengamanje babalelwa ku-487 abaqeqeshwayo emakolishi okuzothi uma kuqala amaholidi kaDisemba, babe sebesensimini besebenza.
Uhlawumbisele esikhathini esingamasonto ayisithupha kusukela manje, wathi lawa maphoyisa azobe eseluphothulile uqeqesho.
Kwenzeka lokhu nje, uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, iMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba, ubuholi bamaphoyisa eSAPS kuzwelonke, esifundazweni naweTheku, buhlanganise amakhanda buzama ukuthola ikhambi lobugebengu obuxakile eThekwini.