ABALIMI baseZululand bazohlomula ngefemu ekhiqiza impuphu nokudla kwemfuyo, abazohambisa kuyo imikhiqizo yabo abayitshalayo.
Lokhu kuvezwe iMeya yoMkhandlu iZululand uMfu Thulasizwe Buthelezi ngesikhathi enikeza abalimi izinsiza zokulima kule lisonto okuhambisana nokuthi kuqala isikhathi sokulima.
Abalimi abaningi bakule ndawo balima okusanhlamvu okuwummbila, ubhontshisi babuye bafuye.
IMeya ithe le femu izokwakhiwa ngemali ewuxhaso oluvela enkampanini yase-China, izoqanjwa ngomkhandlu.
“Le femu izovula amathuba emisebenzi kubantu abaningi baseZululand, iphinde ivulele amathuba okuhweba kubalimi bakule ndawo. Yingakho silethe ogandaganda nembewu nezithombo kubalimi balapha ukuze sibahlangabeze emizamweni yabo abayenzayo kwezolimo, “ kuchaza uButhelezi.
Uqhube wathi sekuqeqeshwe amalunga omphakathi akule ndawo angu-182 asemkhakheni wezolimo obekwenziwa wumkhandlu ngokubambisana neNyuvesi yakwaZulu-Natal ukuze kulungiselelwe ukusebenza kwale femu.
Umphakathi unikezwe ogandaganda abawu-14, imbewu kabhontshisi, eyommbila, eyamazambane nezithombo zemifino eyahlukene.
UMnuz Bonginkosi Nxumalo, otshala ubhontshisi nommbila obomvu obuye abengusihlalo wabalimi kule ndawo, ukhuthaze abalimi ngokuzimisela kakhulu kunakuqala njengoba umkhandlu usubalekelele ngezinsiza zokulima.
“Kithina kufana nokuthi sithole izipho zikaKhisimusi. Abalimi abazolinyelwa siyacela ukuthi basuse izinto ezilimazayo emasimini ukuze kungalimali amasondo ogandaganda,” kusho uNxumalo.
UMnuz Hebert Mhlongo ophethe abalimi kuWadi-20 KwaNongoma uthe izimbewu abazitholile bazokwabelana ngazo nabanye abalimi ewadini.