ABALIMI bamazambane bathi ngeke anele abantu bakuleli okungenani izinyanga ezimbili ngoba izitshalo zabo zaphazanyiswa yisithwathwa.
ITransvaal Agricultural Union of South Africa (TLU), iveze ukuthi abalimi bamazambane eLimpopo, yibona abashayeke kakhulu kanti lokhu kuzophazamisa isivuno samazambane.
ITLU ibicwaninga ngomonakalo odalwe yisithwathwa kusukela esontweni lesibili likaJulayi.
Esitatimendeni esithunyelwe abezindaba uMnuz Henk Van de Graaf onguSihlalo we-TLU North Region, uthe amazambane amaningi adayiswa kuleli atshalwa eLimpopo. Wathi bayakhala abalimi babo abaseLevubu, Marble Hall, Arabie, Vivo naseBela-Bela bathi izitshalo zahlaselwa yisithwathwa zase ziyamosheka.
“Ucwaningo lwethu luveza ukuthi kuzoshoda amazambane ngoba yiwona ashayeke kakhulu, namanye amaveji athintekile okubalwa utamatisi. Abalimi babuye bakhala ngokuthi kumosheke nengqalasizinda yamanzi. Abalimi bamazambane bashayekile nangokudlule ngenxa yesimo sezulu,” kuchaza uVan de Graaf.
Ucele izikhungo ezibolekisa ngemali ukuthi zingabahluphi abalimi ngoba basazoyidinga imali yokutshala kabusha.
Ucele nongqongqoshe wezoLimo ukuthi angenelele ngoba uma isimo sezulu siphazamisa abalimi kusho ukuthi kuzophazamiseka ukuba khona kokudla ezweni. Ubalule ukuthi izambane liphekwa yiwo wonke umuntu kusukela kompofu kuya kocebile ngakho ukungabikhona kwamazambane enele kuzozwela.
IPotatoes South Africa, idalule ukuthi intengo yamazambane ingase inyuke ngenxa yokuncishiswa kwesikalo samanzi okufanele sisetshenziswe ngabalimi.
Ithe abalimi bamazambane badinga amanzi ngakho ukuncishiswa kwesikalo samanzi kuzoba nomthelela omubi ekulinyweni kwawo.