IZIKHUNGO eziqeqesha amaphoyisa ombutho we-South African Police Service (SAPS) zizokwamukela intsha engu-5 500 kuleli sonto.
Lokhu kuvezwe uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, izolo, esithangamini sabezindaba lapho abezokwethula khona okwenziwe ngamaphoyisa ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka.
UMasemola uthe lokhu bakwenza ukuqinisekisa ukuthi bayasandisa isibalo samaphoyisa emiphakathini ukuze kuqiniswe ezokuphepha.
Uthe intsha ezoqeqeshwa, izohlukaniswa kabili.
“Siyathokoza ukuthi eminyakeni emithathu edlule, siqeqeshe, sase sitshala amaphoyisa angu-20 000 ezindaweni ezahlukene, ukuzama ukulwa nobugebengu,” kusho uMasemola.
Kulesi sibalo kukhona nangu-2 699 ajoyine umbutho ngoDisemba 2024.
Uqhube wathi bangu-244 951 abasolwa ababoshelwe amacala ehlukene eNingizumu Afrika ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.
Ucasise ukuthi abasolwa baboshwe kusuka ngo-Okthoba 11, 2024, lapho okuqale khona ngokusemthethweni umkhankaso wabo, kuya kuJanuwari 31, 2025.
Uthe bangu-4 501 ababoshelwe amacala okubulala nawokuzama ukubulala, kwathi abangu-3 983 baboshelwa amacala okudlwengula nokuzama ukudlwengula.
Uqhube wathi abangu-27 640 baboshelwe ukushaya ngenhloso yokulimaza, kwathi abangu-17 311 baboshelwa awokuhlasela.
“Abangu-4 675 baboshelwe ukuhweba ngezidakamizwa, kwathi abangu-27 376 baboshelwa ukutholakala nazo,” kusho uMasemola.
Uqhube wathi abangu-10 042 baboshelwe ukuhweba ngotshwala ngokungekho emthethweni, wathi abangu-1 952 zibakhalele emva kokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, kwathi abangu-1 380 baboshelwe ukutholakala nezinhlamvu bengenamvume.
“Abangu-9 540 baboshelwe ukushayela bephuzile,” kusho uMasemola, othe baphinde babopha abangu-25 950 bokufika, ebebekuleli ngaphandle kwezimvume.
Udalule ukuthi kusuka ngo-Okthoba 1 kuya kuDisemba 31, bangu-9 908 abagwetshiwe ngamacala ehlukene.
Uthe kubuye kwaboshwa nabangu-30, ngokubulala amaphoyisa. Kusuka ku-Okthoba kuya kuDisemba, ayisishiyagalolunye amaphoyisa abulewe esemsebenzini, kwathi angu-12 abulawa engekho emsebenzini.
UMasemola uthe abayisikhombisa balahlwe amacala okubulala amaphoyisa, bagixabezwe ngodilikajele neminye iminyaka ngaphezulu.
Uthe bavale izindawo zokucima umoya ebezisebenza ngaphandle kwezimvume ezingu-6 547.
Udalule ukuthi zingu-2 198 izibhamu ezingekho emthethweni abaziqoqile, wathi kuzona kukhona izibhamu ezincane ezingu-1 731, oqhwasha abangu-154, ezinkulu ezingu-211, bese kuba ama-shotguns angu-102.
“Isibalo esikhulu sezibhamu eziqoqiwe siKwaZulu-Natal, Gauteng, Eastern Cape naseWestern Cape. Izibhamu ziseyinkinga enkulu eNingizimu Afrika njengoba izigameko eziningi zokubulala zenziwe ngazo,” kusho uMasemola.
Isibalo sezinhlamvu abazishaqile, uthe singu-37 658.