KUBHEKWE inzuzo elinganiselwa ku-R203 million emnothweni wedolobha iTheku ngengqungquthela yezinsuku ezinhlanu yokuhweba nokwakha ubudlelwano bokusebenzisana, i-reSURGEnce Conference, eqala ngoLwesithathu ize iphethwe ngeSonto.
Lokho kushiwo yiMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, emcimbini wokwethula le ngqungquthela ngokusemthethweni obuse-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini, nokuyilapho ezokwenzelwa khona.
UXaba uthe balindele izihambeli ezingaphezu kuka-8 580 kule ngqungquthela esungulwe yinhlangano yabezenkolo yaseMelika, iChristian Times Global, ngoba ibona ithuba lokutshala imali eThekwini ukufukula abantu abadingayo.
“Lokhu kuzosiza ukufukula umnotho wedolobha njengoba kwande isibalo sabantu abazolala emahhotela kusukela ngoJulayi 14 kuya kuJulayi 23, futhi sibheke ukuthi kwakhiwe amathuba omsebenzi angaphezu kwa-700 ngayo,” kusho uXaba.
Kuzodingidwa izihloko ezahlukene kubalwa ezokuhwebelana, ukutshala imali, ukuhlela imicimbi, ukuqala nokuchumisa amabhizinisi, ezolimo nezempilo.
Izivakashi zizobe ziqhamuka emazweni omhlaba okukhona kuwona iMelika, Jamaica, Zambia, Zimbabwe, Uganda, Kenya, Cameroon and nezaseKapa imbala lapha ezweni.
Kwizikhulumi kuzobe kukhona owayeyisekela likamengameli waseZambia, uDkt Nevers Mumba, u-Ayo Tometi we#BlackLivesMatter, u-Adriene Nicole, Voza Rivers oyi-Executive Producer we-New Heritage Theatre noDkt Alexander Chisango we-World Economic Congress, ukukha nje phezulu.
Imeya ithe le ngqungquthela izosiza osomabhizinisi abasafufusa abazokhangisa ngamabhizinisi abo ehlukene ngoJulayi 18 no-19, kube kuqhubeka izingxoxo zengqungquthela ezizosiza ngamasu okufukulana nokuthuthukisana emikhakheni eyahlukene.
NgoMgqibelo, kuzoba nomcimbi womculo wokholo iResurgence Gospel Fest ozobe ugabe ngezihlabani zaseMelika, oShirley Caesar noHezekiah Walker, behambisana nabakuleli zwe oDumi Mkokstad, Ayanda Ntanzi, Xolly Mncwango noMnqobi Nxumalo.
Isiqubulo sengqungquthela sithi Moving The Needle Forward Towards Economic Emancipation, izosongwa ngomcimbi wemvuselelo i-Economic Revival Africa Arise Worship.