BAZOKLONYELISWA ngoJuni 15 abahamba phambili emkhakheni wezokuvakasha kumaDurban Tourism Business Awards.
Kulo nyaka amaDurban Tourism Awards athole imingenelo ewu-155, kanti kuzoklonyeliswa wonke umuntu oneqhaza elibalulekile kulo mkhakha.
Umcimbi uzobe useNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini. Abangeke bakwazi ukuziyela e-ICC bazothola ithuba lokuwubuka ezinkundleni ezihlukene zokuxhumana njengoba uzokhonjiswa bukhona nakuzona.
Kuzobhekwa iminxa ehlukene okubalwa iSustainable Development Category, Universal Accessibility Sub-category, Emerging Tourism Entrepreneur of the Year ne-Upcoming Filmmakers.
Kukhona nomunxa okhethekile obizwa ngeMayoral Special Achievements Awards lapho kuklonyeliswa osomabhizinisi abahlanu abakule mikhakha Investment, Creative Industry, Township and Rural Investment Economy Development, Hospitality neProduct Owners with Disability.
Amabhizinisi aklonyeliswa yimeya yilawo asenesikhathi esebenza emkhakheni akuwo, edala umsebenzi, elokhu edlondlobala futhi eqinisekisa ukuthi iTheku lihleli kwibalazwe njengendawo eheha izivakashi.
Kuzoklonyeliswa wonke umuntu okubalwa noRisho abahambisa izivakashi ngezinqola zabo ebhishi.
Phakathi kwemiklomelo kubalwa uR100 000 ozotholwa ngabazowina kwiMayoral Special Achievements Awards, i-first runner up neminye iminxa izowina uR35 000 bese i-second runner up ithole uR25 000.
Ngonyaka odlule, abawina izindondo ezikhethekile zemeya bathola uhambo oluya e-Arabian Travel Market eDubai. Uhambo belungoMeyi 1 kuya kuMeyi 4, kanti lubasize ukuthi bathole imakethe entsha yokudayisa imikhiqizo yabo.
Abanye abawina ngonyaka odlule yiWushwini Pan-African Centre, Max’s Lifestyle, Oceans Mixed-Use Umhlanga Development neStained-Glass TV Productions.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe lezi zindondo ziqinisekisa ukuthi amabhizinisi ezokuvakasha ahlala esemgangathweni nokuthi leli dolobha libe yindawo ehamba phambili kwizivakashi.