INYUNYANA yabasebenzi beSA Post Office, iSolidarity, ithi kuzohlupheka abasebenzi nemiphakathi yasemakhaya uma imizamo yokuthi kuvalwe iposi iphumelela.
UNkk Helgard Cronje, oyiPhini likaNobhala Jikelele obhekelele amabhizinisi kahulumeni kwiSolidarity, uthi okwamanje basafunda emaphephandabeni ukuthi iposi lifakwe enkantolo.
“Asikho isaziso esesisitholile kwabeSA Post Office ngokuthi babhekene nenkinga yokufakwa enkantolo ngenhloso yokuthi bathathwe njengebhizinisi elingenamali, okungaholela ekutheni bagcine sebewa. Kusiphethe kabi lokhu ngoba ukuwa kweSA Post Office kusho ukuphela kwemisebenzi nokuhlupheka kwabantu basemakhaya,” kusho uNkk Cronje.
Uqhube wathi iposi libalulekile kubantu baseNingizimu Afrika, ngoba liletha izinsiza ebantwini ngaphandle kokubakhokhisa izindleko ezinkulu.
“Iposi lisetshenziselwa ukuhola izibonelelo zabantu ikakhulu emakhaya, lithumela amaphasela, lilethe nemithi engamahlalakhona. Uma liwa ngeke nje kuphele imisebenzi yabantu abawu-10 000 abaqashwe yilo kodwa kuzophazamiseka nempilo yabantu abalisebenzisayo,” kukhalaza uNkk Cronje.
Ngokusho kwakhe akaqondi ukuthi kungani iposi lingakwazi ukushintsha izinto lenze imali ngoba izinkampani ezizimele ezenza umsebenzi ofana nowalo njengokuhambisa amaphasela, ziyayenza inzuzo.
Uthi kumanje basezingxoxweni zokudilizwa kwabasebenzi lapho bezama ukuqinisekisa ukuthi kulandelwa umthetho ngoba iposi belingasazikhokheli nezibonelelo zemedical aid, ezempesheni, neze-UIF
UNkk Cronje ukhale ngokuthi uma kwenziwa izinhlelo zokushintsha isimo eSA Post Office, akukhulunywa nezinyunyana kodwa njalo uma kunezinkinga kuqalwa ngokudilizwa kwabasebenzi.
Kolunye uhlangothi uNkk Dianne Kohler Barnard weDA ePhalamende, uthe akumangazi ukuthi iposi lifakwe enkantolo ngabalikweletayo. Wathi uma liwa, kufanele kuqinisekiswe ukuthi abasebenzi bathola imali abakweletwa yona.
Ufanise iposi nomgodi ongagcwali obulokhu udla imali yabakhokhi bentela kusukela ngo-2013 kuze kube yimanje.
“Iposi belilokhu liqala kancane kancane yize belitakulwa ngezizumbulu wuhulumeni. Belidiliza abantu, livala amagatsha kodwa lingabakhokheli abasebenzi izibonelelo zabo. Litakulwe ngo-R2.4 billion kulo nyaka njengoba selifakwe enkantolo. Mhlawumbe kungcono livele livalwe, kukhokhelwe abasebenzi imali abakweletwa yona. Sizoyiphikisa yonke imizamo yokulitakula uma kuke kwabhalelwa ungqongqoshe wezeziMali,” kusho uNkk Barnard.
AbeSA Post Office bebengakasithumeli isitatimende akade bethembise ukuthi bazosikhipha kuleli sonto ngodaba lokufakwa kwabo enkantolo.