UKWANDA kwesihlava sodlame lezobulili nokwanda kwezigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane sekuholele ekutheni amadoda aseNingizimu Afrika abhukule ukulwa nalokhu.
Isilomo sikasomabhizinisi ongaconsi phansi kubantu nasezinkundleni zokuxhumana ngendlela akhulisa ngayo amadodakazi akhe, uTT Mbha usungule isigcwawu samadoda, Amatyma International Men’s Day. Lesi sigcawu esizungeza izifundazwe sihlanganisa amadoda asezigabeni ezahlukene ngeminyaka nempilo, adodisane ngamasu angalwa nesihlava sokuhlukumezeka kwabesifazane nezingane kanjalo nokwakha imindeni eqotho.
ITheku libe nenhlanhla njengoba ngoNovemba 18, Amatyma azobe ehlangene ePlatinum Belt Lounge, eMhlanga.
U-TT Mbha ngalesi sigcawu uhlose ukwakha ubunye abuyise ithemba kube nesizwe samadoda aqotho kuleli. Ukudingida ngezimo zempilo nokuqhamuka nezisombululo ezekhaya yikhona okuseqhulweni ngalolu hlobo lomcimbi.
Umhleli omkhulu weSolezwe, uMnuz Thulani Mbatha, uzobe engomunye wezikhulumi eziqavile kulo mcimbi. Bakhona nabanye bosaziwayo okubalwa u-Adbul Khoza, Nhlanhla Lux, Mzwandile Ngubeni, Siphesihle Vazi, Eric Macheru, Simphiwe Majola noWilliam Lehong.
UVazi uthe ukuba yingxenye yalo mcimbi kusho ukukhula kuye ngoba kuningi akholwa ukuthi uzokuzuza.
"Siyovula izifuba ngoba kuningi esikuthwele singabesilisa siyadinga ukukhulisana. Ukulalela kukodwa kwenza ubone ukuthi akuwena wedwa obhekene naleso simo. Ziningi izinhlelo ezisiza abesimame kunathi, ukuhlangana kwabancane nabadala kuzosenza sifunde ngoba isizukulwane sethu siphila nangesikhathi sezinkundla zokuxhumana lapho kukhohliswana khona," kusho uVazi.
Ukuba yindoda nenhloko yekhaya kuhambisana nezinto eziningi njengokubhekana nesondlo, izindleko ezidinga imali, ukwakha ikhaya elifudumele, ukushadelwa nokunye okuningi okuzodingidwa kulo mcimbi. Kuyaziwa ukuthi emakhaya nakubantu abathandanayo, akuhlale kumnandi njalo ngenxa yezingqinamab ezithinta impilo okubalwa nesehlukaniso kwabanye nokungezinye zezihloko ezibalulekile ezizodingidwa Amatyma.
Lo mcimbi ngeke waphelele ngaphandle kwengqephu kwazise amageza amaningi ezinsizwa akhonzile ukuswenka nokwenza kube nendikimba ethi “Suits and Sneakers” lapho bezoziphihla kahle ngamasudi namateku.
Abasale kulo mcimbi waseThekwini nabaseGoli bazolithola ithuba lokuba yingxenye yomcimbi wosuku lwesibili ngoNovemba 19, ozobanjelwa eDisoufeng, Meadowlands, eSoweto.
Amathikithi alo mcimbi aseqalile ukudayiswa kanti elaseThekwini libiza uR500, eGoli uR400 ngalinye. Ukuthola kabanzi ungashayela ku: 078 771 1156. Abanye babaxhasi balo mcimbi kubalwa uClicks Bronation, Proudly South African, Brand South Africa, TTMbha Financial Services, Standard Bank, The Star, Isolezwe, Soweto TV, House of Decorum neSuavity Collection.