KUZOCACA uma sekusayine uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi luzovelaphi uxhaso lomshwalense wezempilo kuleli, iNational Health Insurance (NHI).
UNgqongqoshe weziMali uMnuz Enoch Godongwana uthe abakanqumi ukuthi izovelaphi imali yokuxhasa lo mshwalense.
Okwamanje basalinde uRamaphosa ukuthi aqale asayine umthethosivivinywa wezempilo ukuze ube semthethweni.
URamaphosa usekuveze izikhawu eziningi ukuthi maduzane uzowusayina lo mthethosivivinywa.
“Uma sekusayiniwe sizobe sesihlwaya ukuthi sizoluthathaphi uxhaso lwalo mshwalense. Asingabazi ukuthi uRamaphosa uzowusayina lo mthethosivivinywa,” kusho uGodongwana.
Ukusho lokhu ephendula imibuzo yamalungu ePhalamende njengoba abefuna ukwazi ukuthi imali yokuxhasa lo mshwalense izovelaphi njengoba izwe libhekene nenkinga yezikweletu.
IPhalamende laphasisa umthethosivivinywa iNHI ngoDisemba nyakenye. UGodongwana uthe abantu bakhuluma indaba yokuthi kuzosetshenziswa imali yentela ukuxhasa lo mshwalense, okungelona neze iqiniso,
“Angikaze ngisenze lesi simemezelo. Abantu nje abazisholo okwabo, into engingakaze ngiyenze leyo. Ngikhuluma ngendaba yentela kanye ngonyaka uma ngithula isabelomali.
“Uma ngizokhuluma ngezinto ezithinta intela, ngizokwenza ngonyaka ozayo ngoFebhuwari uma sekuthulwa isabelomali sezwe,” kusho uGodongwana.
Uthe akusho ngukuthi ziningi iziphakamiso ezithinta ukuxhaswa kwalo mshwalense.
“Yingakho ngithi uma sekusayiniwe kwaba ngumthetho, ngizobe sengisebenza noMnyango wezeMpilo ukubheka izindlela ezahlukene zokuxhasa lo mshwalense.”
Uveze ukuthi lo mshwalense uzoqala ngezikhawu ezahlukene. Ubalule nokuthi uhulumeni ufuna ukuqinisekisa ukuthi kukhona yonke ingqalasizinda efanele uma sekuqalwa ngalo mshwalense.
“Sifuna le ngqalasizinda ibe sezingeni elifanele ngaphambi kokuqala indaba yalo mshwalense, ekugcineni izobakhona,” kusho uGodongwana.
Uveze nokuthi akuzona zonke izikhungo zikahulumeni ezisesimweni esingesihle zokuthi kuqale lo mshwalense.
Uthe uma sikhona isidingo bazosebenza nezikhungo ezizimele ukuqala lo luhlelo. Akulona futhi iqiniso ukuthi imali yalo mshwalense izofinyelela kuR1 trillion.