BAZOPHOQELEKA ukubasa izimbawula abantu bakuleli njengoba i-Eskom iveze ukuthi ugesi uzonqamuka ngokwesigaba sesithathu, esesihlanu nesesishiyagalombili uma kukubi kakhulu.
Izolo isikhulu esisabambile e-Eskom uMnuz Caleb Cassim, sithe ubusika bungena bengenawo ugesi owu-3 000MW ababenawo ngonyaka odlule.
Lokhu kwenziwa wukufa kwemishini emithathu eKusile nowodwa eKoeberg.
Uthe ugesi uzonqamuka ngokwezigaba eziphezulu kusukela manje kuze kube wu-Agasti.
Inhloko yokuphehlwa kukagesi e-Eskom, uMnuz Segomoco Scheepers, iveze ukuthi uma imishini efile ihambe nogesi owu-15 000MW kusho ukuthi bazonqamula ugesi ngokwesigaba sesihlanu.
Uma kufe imishini ephehla ugesi owu-16 500MW bazowunqamula ngokwesigaba sesithupha.
Uma kuhambe u-18 000MW bawunqamule ngokwesigaba sesikhombisa kusukela kule nyanga, ezayo bese ngoJulayi nango-Agasti bawunqamule ngokwesigaba sesishiyagalombili.
Uthe banezinhlelo abazenzayo ukufaka omunye ugesi ukuze bagweme izigaba eziphezulu zokunqamuka kukagesi.
Uqinise abantu idolo ngokuthi noma kungenzekani, izwe alisoze laba mnyama bhuqe.
“Kubalulekile ukuthi abantu bawuqonde umehluko phakathi kokunqamuka kukagesi nokuthi izwe libe mnyama bhuqe. Okwamanje ugesi unqamuka ngezigaba ezihlukene ukuze siqinisekise ukuthi kuyakhanya ezweni. Lokhu kunqamuka kukagesi sisuke sikuhlelile. Uma sekuthiwa izwe limnyama bhuqe, kuyosho ukuthi awusekho ugesi ezweni. Asikafiki kuleso sigaba,” kusho uScheepers.
USihlalo weBhodi le-Eskom, uMnuz Mpho Makwana, uthe benza konke okusemandleni ukuxazulula inkinga yokunqamuka kukagesi ngoba bazolokhu bewunyusa lowo ophehlwayo, belungisa nemishini efayo.
Isikhulu esiphezulu se-AgriSA, uMnuz Christo van der Rheede, sithe abalimi bakhathazekile ngokunqamuka kukagesi ngoba kuphazamisa izitshalo zabo.
Uveze ukuthi abalimi abakwazi ukumelana nokunqamuka kukagesi okudlula esigabeni sesine.
Uma isimo siqhubeka kanjena uvan der Rheede uthe kuzolahleka imisebenzi ewu-850 000.