I-TRANSNET isayine isivumelwano sika-R1.3 billion nenkampani iMnambithi Terminals ukuba yakhe isikhungo sokubeka impahla ewuketshekezi, eMaydon Wharf, eThekwini.
Lesi sikhungo kulindeleke ukuthi sisize ichweba laseThekwini ukuba libe nezindawo ezihlukile zokugcina impahla ewuketsheze futhi nomsebenzi usheshe.
Njengamanje iTransnet imatasa nezinhlelo zokunyusa impahla engena emachwebeni ayo njengoba ifuna ukubuyela esicongweni samachweba enza kahle emhlabeni jikelele.
Ukusayinwa kwesivumelwano kusho ukuphothulwa kwesigaba 79 esakhishwa wuNgqongqoshe wezokuThutha, uNkk Sindisiwe Chikunga, sokuba kunikezwe iMnambithi Terminals igunya lokuphatha impahla ewuketshezi esizeni esiwuMaydon Wharf 6, iminyaka ewu-20.
Okujabulise abantu wukuthi uMnambithi Bulk Terminals ngeyabantu abamnyama bakuleli njengoba bethephe u-100% wayo. Lokhu iTransnet ithe kukhombisa ngokusobala ukuthi izimisele ukuletha uguquko lwezomnotho echwebeni laseThekwini.
Ithe iNingizimu Afrika izokwazi ukulanda impahla ewuketshezi nokuyithumela kwamanye amazwe kusetshenziswa iMnambithi Terminal.
I-terminal yaseMnambithi izokwazi ukuba nomzila wamaguzu ezitimela obhekelele yona nendawo yokungenisa amaloli. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi akukho okuzobambezela umsebenzi wale nkampani.
Kulindeleke ukuthi intuthuko yeMnambithi Terminal idale amathuba omsebenzi awu-40 kuya ku-100 bese kuba awu-400 ayimixhantela azovela ezinkampanini ezizosebenzisana nale nkampani.
Isigaba sokuqala sale ntuthuko sizoqala ngokuthi kudilizwe ingqalasizinda ekhona njengamanje ukuze kwakhiwe isisekelo esisha, kufakwe amathangi, amapayipi amakhulu okuthwala impahla ewuketshezi kanjalo nezindawo zokupaka imikhumbi esuke ilethe impahla.
Esigabeni sesibili nesokugcina kuzobe sekufakwa amanye amathangi nenye ingqalasizinda.
“ITransnet National Port Authority (TNPA) izimisele ukuletha uguquko kwezomnotho nokuqinisekisa ukuthi bonke abantu bakuleli abasali ngaphandle. Siyajabula kakhulu ukwamukela iMnambithi Terminals futhi siyathemba ukuthi lesi sivumelwano sizothuthukisa umnotho wezwe njengoba kubhalwe kwisigaba 79 se-National Ports Act ka-2005,” kusho isikhulu esiphezulu saseTransnet, u-Adv Michelle Phillips.