KUXWAYISWE izitshudeni zaseNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN), ukuthi ziqaphele ukuthi zingangeni ogibeni lokuboshelwa amacala okudlwengula, njengokuthi zilale nabantu abasuke becwile ezinkambeni zikaFaro ngoba bathathwa njengabangavumanga ukulala nawe.
Kuxwayiswe nabasabisa abanye ngokubavulela amacala okudlwengula, babafune izinto izinwele, utshwala kanjalo nemali ukuze bangawavuli amacala, ukuthi kwabona bangazithola sebeboshwa.
Lezi zixwayiso zikhishwe ngu-Advocate Mzo Rusi weNational Prosecuting Authority esifundazweni, othe ukupotoza emabeleni noma ukuqabula umuntu engavumanga, kungakufaka enkingeni.
Uthe izitshudeni kumele ziqaphele ngoba ayanda amacala okudlwengula ezibhekana nawo.
“Ukuthengelana iSavanna bese nilala, kungakufaka enkingeni uma umuntu esedakiwe bese ulala naye ngoba uthathwa njengongavumanga ukulala nawe. Angakuvulela icala uboshwe, ugwetshwe.”
Ubalule nelinye icala lowesifazane ogwetshwe nyakenye eShowe iminyaka eyisikhombisa, ngokuvula icala lokudlwengula elingekho.
“Kuyicala futhi ukuthi umuntu ufike ulale naye, bese ekuseni akufune imali noma akuvulele icala. Kunecala elikhona, owesilisa owalala nowesifazane.
Ekuseni wayovula icala, wase emthumela umyalezo othi angalihoxisa uma engase amnike uR10 000, amthengele izinwele i-weave, amthengele nebhodlela leRemy Martin. Wukuqola lokhu. Ungabekwa icala ngalokhu.”
Uthe noma sekuphele iminyaka wadlwengulwa, wungalivula icala, umenzi wobubi ashushiwe agwetshwe uma kunobufakazi.
Uqhube wathi kunesizinda solibofuzo esikhona kuleli lapho wonke umuntu oboshiwe kuthathwa kuye ulibofuzo, ukuze lugcinwe. Uthe icala ungalivula noma ungamazi okudlwengulile.
Unxuse labo abadlwenguliwe ukuthi baye ezikhungweni zempilo engakapheli amahora angu-72 bayobika ukuze kuthathwe nolibofuzo.