ZIKHATHAZEKILE izinhlaka ezibhekele iziqu nezitifiketi kuleli ngokwanda kwezikhungo ezingombombayi kanjalo nabantu abakokotela iziqu zabo.
Lezi zinhlaka zixwayise nabaqashi ukuthi baqikelele uma beqasha umuntu ukuthi uneziqu ezingu-ngqo.
Ezinye zalezi zinhlaka okungu-Umalusi, i-Council on Higher Education (CHE) ne-Quality Council for Trades and Occupations (QCTO), iSouth African Qualification Authority (SAQA) zikhathazekile ngokwanda kwezikhungo ezingabhalisiwe ikakhulu emadolobheni.
UDkt Mafu Rakometsi isikhulu esiphezulu so-Umalusi, uthe ukwanda kwalezi zikhungo kwenza ukuthi izitshudeni ezisuke zifuna izikhala zokufunda zigcine sezithutheleka kuzona.
Uthe izitshudeni ezisuka ezindaweni ezisemakhaya zifike zizithole sezibhalisa kulezi zikhungo.
“Lezi zitshudeni zifika emadolobheni ngenhloso yokuthi ziyofunda ezikhungweni ezifana neNyuvesi yaseWits, Nyuvesi yaseJohannesburg (UJ) nezinye. Uma sezingathathwa kulezi zikhungo, zigcina ngokuya ezikhungweni ezingabhalisiwe.”
Uthe abazali bathumela imali ngoba bazi ukuthi ingane yabo ifunda ezikhungweni ezibhalisiwe, ekubeni belahla imali yabo ngokukhokhela izikhungo ezingabhalisiwe.
Uveze ukuthi bathembele emaphoyiseni ukuthi aqinise umthetho kulezi zikhungo.
“Thina asikwazi ukuqinisa umthetho, sithembele emaphoyiseni. Abazali kumele bazi ngalezi zikhungo bangalahli imali ngezikhungo ezingabhalisiwe.”
UMnuz Vijayen Naidoo, isikhulu esiphezulu kwiQCTO, uthe izinkundla zokuxhumana yizona ezisetshenziswa ukuheha izitshudeni.
Uthe abantu bahehwa yizinto abazibona ezinkundleni zokuxhumana.
Isikhulu esiphezulu seSAQA, uNksz Nadia Starr, sixwayise labo abakokotela iziqu ukuthi bazoboshwa.
Sithe nabaqashi kumele babaqaphele abafuna umsebenzi ngeziqu zomgunyathi.
“Uhlelo lwethu ukuqinisekisa ukuthi iziqu zibhalisiwe neNational Qualifications Framework nokuthi leso sikhungo sigunyaziwe yini ukwenzisa lezo ziqu. Sibheka nokuthi leso sitshudeni sinazo ngempela lezo ziqu esithi sinazo. Uma sithola ukuthi iziqu zingumgunyathi sibika ezinhlakeni ezifanele kanjalo nakwebezomthetho.”
Unxuse umphakathi ukuthi uqaphele ukuthi ungangeni ogibeni lokufunda ezikhungweni ezingabhalisiwe ngokuthi bazibheke ukubhaliswa kwazo nezinhlaka ezifana nezabo.