NJENGOBA namuhla kuwusuku lwezithandani abaningi bazokhithiza izimbali bazihlobise ngemali yamaphepha, ushokoledi nokunye ukujabulisa izithandwa zabo.
UNkk Pearl Cele, obhekelele ezokufundiswa kwabathengi eFNB, uthe ukugubha usuku lwezithandani akusho ukuthi kufanele usale ungenamali.
“Kuhle ukujabulisa othandiweyo wakho kodwa akusho ukuthi khithiza ngokweqile usale ungasenamali. Kufanele uthenge isipho obusihlelele, hhayi nje ukuthi uthathe noma yini ephambi kwakho. Uyakwazi ukulujabulela lolu suku ngaphandle kokusebenzisa yonke imali yakho,” kusho uNkk Cele.
Uthe iValentine’s Day iyahlelelwa ngoba wusuku oluba khona minyaka yonke. Asikho isidingo sokuthi uthenge izipho ngoba ufuna ukubukwa.
Ugqugquzele abanamakhadi amaphoyinti ezitolo namavawusha ukuba basebenzise wona kunokuthi bakwelete izipho. Wathi akufanele zithengwe nge-credit card noma ngolunye uhlobo lwezikweletu.
Uthe abantu bangaziphekela izithandwa zabo kunokuthi bazikhiphele ezitolo zokudla lapho bezosebenzisa khona imali.
Ubalule ukuthi ukupheka ekhaya konga imali futhi kungamjabulisa othandiweyo wakho kunokuya esitolo sokudlela.
Uthe abathandanayo kufanele benze ama-picnic ngoba wona bayakwazi ukuwahlelela kahle, bapakishe ukudla.
“Uma ungumuntu okhonze iValentines Day, kufanele uzihlele kahle ukuze ungazitholi ususebenzisa imali obungahlelanga ukuyisebenzisa. Uthando akufanele lukushiye nezikweletu kodwa kumele lukushiye nenjabulo,” kusho uNkk Cele.