SEKUVUNDUKE ibhanoyi elisha lomkhonyovu wokuwaka abantu imali kusetshenziswa izinkundla zobuchwepheshe besimanje. Lokho kwenzeka emadolobheni ahlukene njengoba sekusondele isikhathi samabhonasi noKhisimusi.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal, akhiphe isexwayiso esiphuthumayo ngebhanoyi elibizwa ngamagama ahlukene okubalwa iFuture, Onisec, Bitfury noma iSky State. Leli bhanoyi kubikwa ukuthi alikhethe zindawo ngoba bakhona abaqolwe eMgungundlovu, naseThekwini, kanti akhona amacala asevuliwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutanant Colonel Gwala uthe amaqola aheha abantu ngokuthi bafake imali ema-akhawuntini awo bese ebathembisa izinzuzo yezizumbulu zemali. Lo mkhuba kuthiwa umandla ezinkundleni zokuxhumana lapho abantu beshelwa ngabanye abangabazi, abanye bagcina befakana bodwa ngethemba lokuthi bazohlomula kodwa kubikwa ukuthi basala bencela izithupha.
ULt Colonel Gwala uthe: “Ithimba labaseshi iProvincial Crime Unit, liphenya ngamacala amabili okukhwabanisa avulwe ePhoenix, naseMoutain Rise."
ULt Col. Gwala uthi uma abantu sebezama ukukhipha imali bayakhexa uma ingasatholakali inkampani ebebefake kuyo. “Amalungu omphakathi abathola ngabantu abasuke bebhalisiwe noma ezinkundleni zokuxhumana. Uma bezama ukuyithinta inkampani kutholakale ukuthi ayisekho," kuchaza uLt Col. Gwala.
Ngaphandle kwalesi sigameko amaphoyisa anxusa abantu ukuthi baqaphele bangabanikezi abantu abangabai iminingwane yabo. Ukukhipha imali eyisamba okungaba yibhonasi noma eyesitokofela nebhizinisi nakho kuyingozi.