SEKUXWAYISWE oskhwili phambana nobhoko abasabisa ngokuthi kuzoba nodlame njengoba kuzoba nokhetho lukazwelonke ngoMeyi 29.
IKhabhinethi isixwayise ngokuthi labo abasabisa ngokuthi kuzoba nezibhelu, bazobhekana nengalo yomthetho.
Lesi sexwayiso sikhishwe nguNgqongqoshe ehhovisi likamengameli uNksz Khumbudzo Ntshavheni, esithangamini nabezindaba izolo ngemuva komhlangano weKhabhinethi.
Ubephendula imibuzo yezintatheli ezimbuze ngokuthi iziphi izinyathelo ezizothathelwa labo abasabisa ngodungunyane njengoba kubhekwe okhethweni nokuthi kungenzeka yini umlando uziphinde ngokuthi kube nezibhelu zokutatshwa kwempahla okwenzeka ngoJulayi 2021, ikakhulu KwaZulu-Natal naseGauteng.
“Izinhlaka zomthetho zizobhekana nanoma ngubani osabisa ngodlame njengoba kubhekwe okhethweni. Ukhetho luzoba ngolukhululekile futhi izinhlaka zomthetho zizoqinisekisa ukuthi kunokuphepha ezweni.”
Usho lokhu nje abanye babaholi beqembu elesekwa ngowayengumengameli we-ANC nezwe uMnuz Jacob Zuma, uMkhonto weSizwe, basabise ngokuthi kuzoba nodungunyane uma kungukuthi leli qembu alibi yingxenye yokhetho.
NgoLwesithathu umholi wesikhashana wophiko lwentsha lweMK, uMnuz Bonginkosi Khanyile, ekhuluma nabezindaba eGoli, usabise ngokuthi ngeke luhlale ukhetho uma kususwa uZuma ohlwini lokuvota.
“Uma kususwa iMK noZuma emqulwini wokuvota ngeke lubekhona ukhetho kuleli. Lokhu kuzobe kuwukusiphuca ilungelo lethu. Asesabi ukuthi singaboshwa ngalokhu esikushoyo,” kusho uKhanyile.
Uthe bayaya enkantolo ukuyobhekana ngqo ne-ANC, ecaleni elithinta umbango wegama kanjalo nophawu elisetshenziswa yileli qembu. Leli cala kulindeleke ukuthi lihlale enkantolo yaseBloemfontein ngoMashi 19.
UNksz Ntshavheni uthe iKhabhinethi ikhathazekile ngesiteleka esiphazamise ukuhanjiswa kwezidingo sabasebenzi bakaMasipala weTheku.
“Lesi siteleka ebesihambisana nodlame siphazamise ukuhanjiswa kwezidingo ezifana namanzi nogesi. Sinxusa abezomthetho ukuthi bavikele amalungelo ezakhamuzi.”
Odabeni oluthinta ukubuyiswa komhlaba, uthe bangu-2.3 million asebehlomulile ohlelweni.
Uveze nokuthi ikhomishini ebhekele ukubuyiswa komhlaba isinxephezele ababefake izicelo zokubuyiswa komhlaba ongu-3 889 701 wama-hektha, okudle uR25 billion.
Uveze nokuthi sebethuthukise izindawo okwakhiwe kuzo imijondolo ezingu-578, ohlelweni lokuqala wathi kwelesibili bahlela ukuthuthukisa ezingu-1 497.
Ubalule nokuthi luphothulwe ngempumelelo uhlelo lokunyusa udonga lwedamu iHazelmere, okudle uR820 million.
Uthe lokhu kuzonyusa amanzi agcinwa kuleli damu.
Uzwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwamacala kamuva nje okuthunjwa kwezingane.
Unxuse abazali ukuthi baqaphele ikakhulu ngalesi sikhathi futhi bahlale bazi ukuthi izingane zabo zikuphi.