UHLAKA olubhekelele ukusebenza kwemigwaqo ezweni, i-South African National Roads Agency SOC Limited (SANRAL), selumemezele ukuthi kuzovalwa umgwaqo u-N3 eduze kwePeacevale Interchange ngenxa yohlelo lokuwulungisa.
Isazi sohlaka olubhekelele ukwakha nokulungisa imigwaqo kwa-SANRAL, uMnuz Jason Lowe, sithe lolu hlelo luzoqala ngoLwesine lukaFebhuwari 13 phakathi kuka-2:30 kuya ku-3 ntambama, ohlelweni lokulungisa u-N3 i-Section 2 Realignment Project.
ULowe uthe ukuvalwa kuka-N3 kuzokwenzeka phakathi kwalapho okwehlukana khona u-M13 no-N3 noHammarsdale Interchange. Kuzokwenzeka okufanayo naphakathi kwe-Meadway Road ne-Thousand Hills Street Intersection nakwi-Peacevale Interchange.
“Ithimba lethu lesiminyaminya esenzeka emigwaqeni, libambisene nohlaka oluqondene nokusebenza komgwaqo, lizobe likhona ukuqapha isimo nokuqinisekisa ukuthi akubi bikho ukuphazamiseka emigwaqeni ngalezi zinsuku,” kusho uLowe.
Selulonke uhlelo lokuvala imigwaqo lumi kanjena:
NgoLwesine ngoFebhuwari 13 kuzovlwa u-N3 ngo-2:30 kuya ku-2:45 ntambama, kuthi kusukela ngo-2:45 kuya ku-3 ntambama kuhlanzwe u-N3 bese uyavulwa ngokuphelele ngo-3 ntambama.
ULowe uthe umgwaqo u-R103 wona uzobe usebenza, nokho okulindeleke ukuthi abazowusebenzisa bambazeleke ngenxa yokuthi ngeke ukwazi ukumumatha umthamo wezimoto okulindeleke ukuthi zibe kuwona ngaleso sikhathi.
Uthe nokho kungenzeka kube nezinguquko ezikhathini abazovala le migwaqo ngazo, kuncike ekutheni isimo semvula siyobe sinjani ngalelo langa.
“Sicela ukuthi abashayeli bezimoto babekezelelane ngaleso sikhathi futhi bagweme ukuba kule migwaqo uma kungekho okubaphoqayo ngaleso sikhathi,” kusho uLowe.