UKUZILA ukudla ngezinye zezinto ezenziwa ngamakholwa noma ngamabandla ngezikhathi ezithize zonyaka. Bakholwa wukuthi lo mkhuba yiwona obalulekile empilweni yekholwa.
UMphostoli Musa Khwela weJesus Restores Ministries International, uthe ukuzila ukudla kulinikeza amandla ikholwa ngokuthi kuncishwe umzimba ukudla ukuze kungabi yiwona onamandla phezu kwekholwa.
"Inyama siyincisha ekuhalelayo ukuze ngokomoya sibe namandla,'' uchaze kanje.
Mayelana nokuthi ukuzilwa kokudla kwenziwe uma kuqala unyaka uthe:"Amakholwa asuke efisa ukuthola eNkosini ukuthi luthini uhlelo lonke lonyaka,” kusho yena.
Uthe iyinto emqoka indaba yokuzilwa kokudla ngoba isono sokuqala sangena ngokuhluleka kuka-Adam ukuba angadli isithelo ensimini i-Eden, njengoba kulotshiwe eBhayibhelini.
Ugcizelele ukuthi ukuzila ukudla akusiwona umdlalo wezingane. Lokhu uthe ukusho ngoba noJesu uqobo bamlinga kade ezile izinsuku ezingu-40.
"UJesu walingwa wuSathane kade ezilile wathi kuyena makaguqule amatshe awenze isinkwa. UJesu waphendula ngokuthi umuntu angephile ngesinkwa kuphela,'' kuchaza uKhwela.
Uveze ukuthi zehlukene izinhlobo zokuzila ukudla, wathi kodwa noma kunjalo zonke zihlose into efanayo okungukunxusa kuNkulunkulu.
UMphostoli Khwela uthe abanezifo ezingamahlalakhona kabaphoqelekile ukuthi bangazila ukudla, wathi kodwa zikhona izindlela ezingasetshenziswa zokuthi nabo bakwazi ukuzila ukudla benze izicelo phambi kukaNkulunkulu.
Uthe kulele ebuholini bebandla ukuthi amakholwa akhetha ukuthi azile ukudla isikhathi esingakanani. Lokhouthe imvamisa kuncike ekutheni ibandla selikhule kangakanani.
UMfundisi Hawu Mbatha wase-United Reformed Church osewathatha umhlalaphansi kodwa oseyinhloko yebandla laseMgungundlovu Endumisweni Ministrires, naye uthe ukuzila ukudla kulinikeza amandla ikholwa.
Uchaze ukuzila ukudla njengomgogodla wempilo yomuntu oyikholwa, wathi kumuntu okholwayo ukuzila ukudla ngenye yezinto okumele zibe seqhulwini.
"Ukuzila ukudla yinto okufanele isize ikholwa ngalinye,’’ echaza.
Uthe umuntu osuke ezile ukudla usuke efuna ukuthi umqondo wakhe unamathele kuleso sicelo asenza phambikukaNkulunkulu.
Umama uMfundisiThabsile Mahlaba weChrist Kingdom Citezens (CKC) uthe kunikeza amandla ukuzilaukudla futhi kuyalihlomisa ikholwakunoma yiluphi uhlobo lwempi kaSathane.
Uchaze ukuzila ukudla njengendlela amakholwa asuke ehlose ukukhombisa ngayo ukuthi ayathoba phambi kukaNkulunkulu.
"Ziningi izinto ezihlehlayo ngokuzila ukudla nokukhuleka. Zombili lezi zinto zimqoka empilweni yekholwa,''kusho yena.
Ukuveza ukuthi ukuzila kunamandla,wenze isibonelo ngomzekelo oseBhayibhelini wesizweiNiniva esabe singakholwa futhi singamazi uNkulunkulu.
"Ngesikhathi uNkulunkulu ethumele uJona kulesi sizwe sesizobhujiswa, inkosi yakulesi sizwe yaveleyadlulisa umyalezo ebantwini bayoukuba bazile ukudla nezingane ezincane zinganceli. Nangempela uNkulunkulu wasithethelela,'' usho kanje.
Uthe ukuzilwa kokudla kwenziwa uma kuqala unyaka ngoba amakholwa asuke efisa ukuthi uNkulunkulu abe nawo unyaka wonke.