IVELE sivukwe umunyu, sikhihle isililo isitshudeni saseMangosuthu University of Technology (MUT) uma silandisa ngesehlakalo sokubulawa ngesihluku kukazakwabo esasihlala naye endlini.
UPhakade Ndwandwe (21), owenza unyaka wesibili weziqu zeChemical Engineering, ubengomunye wabebekade bethamele icala eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Bekuvele uMnuz Bongani Sanele Mlambo (28) osolwa ngokugwaza abulale isitshudeni ayethandana naso, uXolile Mbatha (23) endaweni okuhlala kuyona izitshudeni, i-Ark Royal, ngoJulayi 30 nonyaka.
Inkantolo ilihlehlisele uMsombuluko icala ngenxa yokungaphili kukaMnuz SB Madondo ongummeli kaMlambo. Lokhu kunenge umndeni kamufi nezitshudeni enkantolo.
UPhakade uchaze umufi njengobenothando, enakekela futhi ezithobile. Uthe wayesefana nodadewabo omdala yize babenezinyanga ezine bazana.
Ulandise wathi ngosuku lwesigameko ekuseni kwangqongqoza umuntu endlini okwathi uma eyobheka kanti uXolile, owayesendlini yokugezela, usewuvulile owakhe umnyango.
“Umnyango omkhulu nowendlu yokugezela isondelene kakhulu. UXolile wavula kuqala, mina ngase ngibuyela emuva ngayolala ngangabona ukuthi wubani ongenile,” kulandisa uPhakade.
Uthe emva kwesikhashana wamenyezwa ngumufi, wase eyasondela nokuyilapho abona khona ukuthi nguMlambo osendlini.
“Ngabuyela ekameleni, emuva kwesikhashana ngalandelwa nguMlambo owathatha iselula kaXolile wayisakaza phansi. Ngathatha iselula yami ngabhala ezinkundleni zokuxhumana ngifuna usizo. Ngezwa sekuthulekile lapho kwakukhona uXolile noMlambo okwathi uma ngiyobheka ngahlangana negazi phansi,” kuchaza uPhakade ekhala.
Uthe akabange esabuka ukuthi liqhamuka kuphi igazi kodwa waphuma endlini esekhala kakhulu ehlaba umkhosi.
UPhakade uthe welulekwa ngokwengqondo emuva kwesehlakalo futhi washintsha indlu ayehlala kuyona.
Encwadini efungelwe ayevuma ngayo icala enkantolo, uMlambo wathi wabulala uXolile ngoba enziwa yisikhwele nentukuthelo.
Unina kamufi obesenkantolo, namanye amalungu omndeni, besuka eMsinga, ubekhala futhi eveva yintukuthelo, wathi kwakhona ukuthi uMlambo uboshiwe ngeke kuyivuse indodakazi yakhe.
Lo wesifazane ukhale ngokuthi bachitha imali eningi nesikhathi behambela ubala enkantolo.
Kolunye udaba, lihlehlele uNovemba 29 eNkantolo yeMantshi yaseCamperdown icala lokubulala okuhleliwe elithweswe iphoyisa, uSergeant Mthokozisi Nene (44).
UNene usolwa ngokudubula abulale inkosikazi yakhe eyayinguthisha, uThobeka Nene (uMaMsomi) (41) emzini wabo eNtshanga, eThekwini, ngoJuni nonyaka.Icala lihlehliswe ukuze uMbuso uhlinzeke ummeli kaNene incwadi enohlu lwamacala athweswe umsolwa bese lidluliselwa eNkantolo eNkulu.
UNene wanqatshelwa ibheyili futhi uyaphika ukuthi nguyena owabulala umkakhe.
Njengenjwayelo ngaphakathi nangaphandle enkantolo bekugcwele amalungu omphakathi. Amanye abebhikisha ephethe izingqwembe ebezinemibhalo elwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nasezinganeni, eminye igxibha uNene.