KUMSHIYE emangele ummeli kwelokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, ukuvela kobufakazi bokubandakanyeka kophiko lweTactical Response Team (TRT) neNational Intervention Unit (NIU) ekuphelezeleni ummangalelwa.
Lobu bufakazi buvele ngesikhathi u-Advocate Thulani Mngomezulu ongummeli kammangalelwa wokuqala, uMuzikawukhulelwa Sibiya nowesibili uMnuz Bongani Ntanzi, ephonsa ngemibuzo ufakazi uSergeant Vusumuzi Mogane.
UMogane wayengumshayeli wezimoto zamaphoyisa ezazehlisa zenyusa uSibiya noNtanzi ngesikhathi kuqhubeka uphenyo ngaleli cala namanye.
Ukuhanjiswa kwabo ezindaweni ezehlukene kufaka phakathi ukuyokhomba endaweni yesigameko kanjalo nokuvunywa kwecala lokubulala uMeyiwa.
UMngomezulu ubuze uMogane ukuthi bakhona yini abanye bethimba leSpecial Weapons and Tactics (Swat), ngaphandle kukaJonathan (Const Wendel), Maphumulo (Const Nkosingiphile) noButhelezi (Const Jabulani) abekhona.
UMogane uqale wathi ilabo kuphela naye ababalile.
“Ngifuna ukwazi ukuthi yibo yini ababelokhu belekelela ngokuphelezela kusuka ngoMeyi 2020, kuboshwa ummangalelwa wokuqala, kuya ekuboshweni kukammangalelwa wesibili, kuze kuba ingesikhathi bevela okokuqala enkantolo?” kubuza uMngomezulu.
UMogane ummangazile esephendula ngelithi: “Zazikhona izikhathi lapho esasicela khona i-TRT ne-NIU kodwa lokhu sasikwenza uma kunesidingo.”
Ugcizelele ngelithi isikhathi esiningi babephelezelwa iSwat.
“Ngiyaqala ngqa ukuzwa ukuthi amalungu e-TRT ne-NIU nawo abandakanyeka kulokhu, ungufakazi wokuqala ngqa ethimbeni elalihambisa abamangalelwa ezindaweni ezehlukene ukuveza lobu bufakazi. Bonke abafakaze phambilini abakaze bakuveze lokhu,” kusho uMngomezulu.
UMogane uphendule ngokuthi naye uyaqala ukubuzwa lowo mbuzo.
UMngomezulu uqhube wathi, wake wambuza uJonathan ngalokhu ngesikhathi ethula obakhe ubufakazi kodwa waphika walala ngomhlane.
Ijaji uRatha Mokgoathleng lithe liyavumelana noMngomezulu kodwa kungakuhle ukuthi amtshele uMogane lokhu, njengoba kuwuhlangothi oluvezwa ummangalelwa, kunokuthi ambuze ngakho.
UMokgoatlheng usho kanje kulandela ukuthi uMogane ephendule ngokuthi lokhu kwakungenzeki njalo.
UMngomezulu ubuye wabuzisiza ngamanzi uMogane athe bawathenga endleleni ngesikhathi behamba noNtanzi, ethi kubalulekile ukuthi ayibuze indaba yawo kwazise uNtanzi uthe wathelwa ngamanzi.
UMogane uphendule ngokuthi amanzi abawathengayo kwakungawokuphuza futhi babengathengeli ummangalelwa kuphela kodwa babezithengela nabo, kanye nokunye okudliwayo.
Kulindeleke ukuthi namuhla kubizwe ufakazi omusha ongungoti kwezolwazi lokuhamba kwezimoto zamaphoyisa ngekhompyutha.