ITULO lokubulawa kwephoyisa likaMasipala weTheku, uCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela, lahlelwa yinkabi edonsa isigwebo sokubulala ikhansela ingaphakathi ejele.
NgoMsombuluko, omunye obekwe leli cala lokusoconga, uKhulani Cele, uvele enkantolo ngokutholela uNkk Faith Ntombela inkabi eyabulala uCaptain Ntombela ongumyeni wakhe. Isolezwe lithole ukuthi uCele uvele ungaphakathi ejele ngecala lokubulala ikhansela, elenzeka ngo-2008.
UNkk Ntombela kuthiwa waxhumana nayo le nkabi ngocingo ingaphakathi ejele eyicela ukuba imhlanganise nenkabi ezokwazi ukuthi ibulale umyeni wakhe.
Kuthiwa uCele akapholisanga maseko, wabe esemxhumanisa noMzo Ntombela, yena owaboshwa walivuma icala wabe eseyagwetshwa.
UCele kuvela ukuthi ngesikhathi eboshwa wayeyinkabi esatshwayo kakhulu futhi aziwa kusona sonke isifundazwe KwaZulu-Natal.
Yize engaphakathi ejele kodwa umthombo uthi namanje kuxhunywana naye uma kukhona abantu abadinga usizo lwezinkabi.
Kuvele ukuthi uphenyo mayelana nokusocongwa kukaCaptain Ntombela seluphothuliwe.
Ingxenye yophenyo esiphothuliwe eyokuthi ngesikabani isibhamu esasetshenziswa kubulawa umufi, ngobani ongqondongqondo betulo nokuthi kwakuyini isizathu sokubulawa kwakhe?
Lokhu kuvezwe ngumshushisi uKhulekani Mzotho eNkantolo yeMantshi yaseMlaza.
Umufi wadutshulwa wafa ngesikhathi evala isango lakwakhe nonyaka kwa-S eMlaza. Waphuthunyiswa esibhedlela eMedical Towers, eSiphingo, lapho okwafike kwamenela khona.
Bekungokokuqala ngoMsombuluko ukuthi kuvele kanyekanye uNkk Ntombela nenkabi uCele osolwa ngokuba nesandla ekubulaweni kukamufi.
UMzotho uthe manje sebelinde ukuthola umkhombandlela kumqondisi wabashushisi ngokuthi sekumele kwenzekeni.
Ucele imantshi, uMnuz Thulani Mbuyazi, ukuthi ngesikhathi kusalindwe umqondisi wabashushisi icala libe lihlehliswa.
Imantshi ikhethe ukuthi lihlehliselwe uNovemba 7 nonyaka.
Njengenjwayelo bekugcwele kuphuphuma enkantolo izihlobo zikamufi nabangani bezokweseka umndeni wakwaNtombela.
Beziqinile ezokuphepha uCele efaswe ngamaketanga, kunzima nokunyakaza. Ubeqashwe ngelokhozi ngamaphoyisa.
Imantshi ize yamcelela ukuthi kube khona amaketanga abawaxegisayo ukuze ezokhululeka kancane ngesikhathi kusaqhubeka icala.
Okhulumela umndeni kamufi, uMnuz Nkosinathi Ntombela, uthe kubathoba izinhliziyo ukuzwa ukuthi seluphothuliwe lonke uphenyo mayelana nesigameko sokubulawa kwesihlobo sabo.
"Siyathemba ukuthi konke manje sekuzohlala obala. Thina okusemqoka kakhulu ngaphezulu kwezinto zonke ukuthi kuvele iqiniso lokuthi ngempela umakoti wethu nguyena yini obulale umkhwenyana wakhe,'' usho kanjena.
Ummeli kaNkk Ntombela, u-Ashwin Rughbeer, uthe uyakwamukela ukuhlehliswa kwecala.
Njengengenjwayelo uNkk Ntombela ubeswenke econsa, efake ingubo yakhe enamagqabhaza amnyama namhlophe, nezibuko. Lo mama usebenza khona kule nkantolo yaseMlaza.