KUZOHLUPHEKA abantu basemakhaya njengoba iSouth African Post Office (Sapo) isivale amaPosi awu-92 ezweni jikelele.
Lezi zindaba zivele ngesikhathi abasePosini bevele ePhalamende.
UNkk Dianne Kohler Barnard omele iDA kwezokuxhumana, uthe abantu abazohlupheka kakhulu ngokuvalwa kwamaPosi yilabo abahlala emakhaya abavamise ukuwasebenzisa uma beyohola izibonelelo zabo.
Uthe kuyishwa ukuthi emaPosini awu-92 avaliwe ezweni jikelele, amanye avalwe ngomasitende ngenxa yokuthi bebengasayitholi irenti ePosini.
“Kuyishwa ukuthi abantu basemakhaya abasebenzisa iPosi sebezophoqeleka ukuhamba amabanga amade bayothola izibonelelo zabo nemali abayilondoloza besebenzisa iPosi. Kuyimanje uhulumeni umemezele ukuthi uzotakula iSapo ngoR2.6 billion esikweletini sayo esiwuR5.4 billion. Asihambisani nalokhu kutakulwa kwePosi ngoba alinazo izinhlelo zokuletha uzinzo,” kusho uNkk Kohler Barnard ngoLwesithathu.
Ucele uhulumeni ukuthi abhekele abantu abahlala emakhaya ngoba ukuvalwa kwamaPosi aseduze kwabo kusho ukuthi kufanele basebenzise imali ukuze baye kwamanye amaPosi noma baye edolobheni.
Ubuye wakhala nangokuthi iSapo ifuna ukwehlisela abasebenzi amaholo ngo-40% futhi idilize abasebenzi abawu-6 000.
Uphakamise ukuthi uma uhulumeni etakula iSapo kufanele aqinisekise ukuthi isebenza kahle ngokuthi ithumele amaphasela kubantu ngesikhathi, ivuselele amalayisensi ezimoto neminye imisebenzi ebiyenza.
Ubalule ukuthi njengamanje amaPosi awu-102 ezweni jikelele awazikhokhelile izikweletu zawo, awu-22 awanagesi ngenxa yokuthi unqanyuliwe kanti izikhulu zakhona zihamba amacala awu-341 ezinkantolo ngenxa yokungakhokheli abasebenzisana nePosi.
UNksz Nobuhle Njapha obhekelele ezokuxhumana eSouth African Post Office KwaZulu-Natal, uthe ukuhlanganiswa kwamagatsha ePosi kuyingxenye yezinhlelo ezintsha zokwenza lesi sikhungo sisebenze kangcono. Uveze ukuthi amagatsha ePosi angayenzi imali nalawo asondelene kakhulu yiwona avalwayo njengoba uhulumeni enza isiqiniseko sokubhekelela abantu.
Amagatsha asemakhaya uthe awathinteki kulolu hlelo futhi KwaZulu-Natal awekho amagatsha avalwayo ngenxa yokungakhokhwa kwerenti kwazise uphiko lwabo olubhekelele izakhiwo lunezingxoxo nomastende.
Uphethe ngokuthi akhona amagatsha avalwa ngenxa yezibhelu nokuyinto eyaphoqa ukuthi badlulisele umsebenzi wawo emagatsheni aseduze.
Khonamanjalo, uSihlalo we-Appropriations Committee ePhalamende, uMnuz Sfiso Buthelezi, uthe kubalulekile ukuthi iPosi lisize abantu basemakhaya futhi bafuna ukubona kuhlengwa imisebenzi yabantu ePosini.