IYAQHUBEKA imizamo yokuthungatha i-submarine eyaziwa nge-OceanGate okuthiwa iduke ngaphansi kwamanzi ohambweni lwezivakashi zifuna ukubona izinsalela zeTitanic ngo-si.
Kuthiwa lolu hambo luyaye luthathe amahora ayisishiyagalombili kodwa sekuphele izinsuku kuduke lo mkhumbi ohamba ngaphansi kwamanzi.
Lo mkhumbi ubunabantu abahlanu abachazwe njengezimpunyela UPaul-Henry Nargeolet (73), Stockton Rush (61), Hamish Harding (58), Shahzada Dawood (48), Sulaiman Dawood (19) kanti umuntu ngamunye ukhokhe imali engango - $250,000 (R459 893).
UStockton Rush nguyena isikhulu esiphezulu kwi-OceanGate nokuyinkampani ehlele lolu hambo, ngokwephephandaba i-Insider kuthiwa unkosikazi kaRush uyisizukulwane sabantu abafa emkhumbini owaziwa umhlaba wonke iTitanic.
UWendy Rush uyisizukuwane sika-Isidor no-Ida Straus, izimpunyela ezafa ngesikhathi kucwila iTitanic ngo-1912. I-Isidor wayengomunye wabanikazi besitolo sezimpahla iMacy's.
Kuthiwa laba abahlanu bebeyobona izinsalela zeTitanic okuthiwa iyibanga elingu-4km kusuka ngaphansi kwamanzi.
Ngokwesitatimende esikhishwe iOceanGate, le nkampani ithi isebenza ngokuzikhandla ukuthungatha nokubuyisa laba abahlanu abaduke kulelu hambo obekumele lithathe amahora ambalwa.
Abezimo eziphuthumayo eMelika bathi laba abavalelekile baselelwe isikhathi esingamahora ambalwa ngoba sebezophelelwa wumoya.
“Sekutshujwe ithimba elizothungatha laba abalahlekile, lelithimba lisuke izolo ekuseni kulindeleke ukuthi lifike endaweni okusolwa ukuthi badukele kuyona laba abahlanu namuhla.”