ZIMKHALELE unogada (34) waseMgungundlovu obanjwe erenke yamatekisi nemoto eyebiwa eMpumalanga. Lokhu kulandela ukuthi uphenyo olunzulu lwamaphoyisa eTaylors Halt luqinisekisile ukuthi lo nogda uhamba ngemoto eyebiwa eMbalenhle eMpumalanga ngoJulayi nyakenye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa abophe abasolwa abahlukene kulandela nezigameko ezenzeke ezindaweni ezahlukene. Kwesinye isigameko amaphoyisa alandele umkhondo mayelana nowesilisa wokufika ngezinsolo zokuthi udayisa izidakamziwa lapho ehlala khona. Lo msolwa (39) utholwe nezidakamizwa endlini yakhe.
" Umsolwa utholwe nezikhwama nezidakamizwa ezinhlobo nhlobo ezilinganiselwa ku-R6000 ngemali yasemgwaqeni," kusho uCol Netshiunda.
Kwesinye isigameko zibakhalele abesilisa ngamacala okushushumbisa izidakamizwa. Laba okubalwa u-Alex Izochukwu (39) Chidiebere Obi (40) noSunday Ezulike (49) bavele enkantolo kaMantshi eThekwini. " Inkantolo ithole ukuthi u-Obi usohlwini labasolwa abathungathwa ngamanye amacala awenza eBellair.
Khonamanjalo eBellair kuboshwe abanye abasolwa ababili bokufika ngokusabalalisa izidakamizwa ezingabiza u-R150 000 kanjalo namaselula okwebiwa.