Kuvela isizathu okusolakala ukuthi kube yisona esiholele ekutheni isosha lombutho wezempi wakuleli, iSouth African National Defence Force (SANDF) lidubule libulale umkalo ngoJanuwari 3.
Isolezwe libike ngokuvela eNkantolo yeMantshi yasePinetown kukaMnuz Lwanda Mxolisi Zungu (37) osolwa ngokudubula abulale umkakhe, uNkk Tania Msane-Zungu (36).
Ilungu lomndeni wakubo kwesosha elicele ukuba kugodlwe igama lalo liveze ukuthi uZungu ubulale umkakhe ngoba esethole ngomjolo wakhe nomuntu amaziyo.
Kuvela ukuthi umufi bese kuphele isikhathi eside ejola nalo wesilisa obephinde asondelane kakhulu nesosha.
"Bekungesikhona okokuqala isosha limbamba ukuthi uyajola umkalo. Eqinisweni, bese kungokwesithathu. Kodwa ngenxa yokuthi belingumuntu ebelimthanda kakhulu belihlale njalo limxolela,'' usho kanje.
Eqhuba uthe kulokhu bayazibuza bayaziphendula ukuthi kungani egcine esethatha isinqumo esinzima kangaka sokuthi amane ambulale.
Uthe kodwa babuye baziphendule bona ngempendulo yokuthi kungenzeka ukuthi isosha kulokhu licikwe ukuthi umkalo ujola nomuntu osondelene nabo bobabili.
"Isosha kulicasulile kakhulu ukuthi umkalo ajole nalo muntu wesilisa. Okokuqala lo muntu wesilisa okuthiwa ubejola naye bebezwana kakhulu. Kusho ukuthi lokhu kumane kwalilimaza kakhulu emphefumulweni lamane lahluleka nawukuzibamba,'' echaza.
Omunye obesondelene nalaba ababili, utshele Isolezwe ukuthi wagcina esejwayelana nomkhwenyana kodwa waqale wazwana nomufi.
Uchaze isosha njengowesilisa obelungile futhi emazisa kakhulu umkakhe.
Uthe nabo zikhona izikhawu lapho abake bazama khona ukuthi uphele lomjolo oseceleni kamufi kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya.
Uthe kodwa uyazi ukuthi uma seliqulwa icala kuzovela ukuthi eqinisweni yini eholele kusona sonke lesi simo.
Isolezwe lithole ngamalungu omndeni wesosha ukuthi umufi naye wayeyisosha.
Aveza nokuthi laba ababili batholana khona enkambini yamasosha base bayathandana.
Umufi kuthiwa ngokuhamba kwesikhathi, ugcine ekuduba ukuba yisosha ekhala ngendlela abaqeqeshwa ngayo ethi inzima.
Icala libuyela enkantolo ngoJanuwari 17.