USOLA isoka likamufi, okungelokufika endaweni, umndeni wowesifazane isidumbu sakhe esitholwe sinamanxeba amaningi okugwazwa silahlwe emobeni endaweni yaseMankwaqa, eMthwalume, ngoLwesihlanu.
UDelisile Shozi (42) kuthiwa ubegcine ukubonwa ngoMsombuluko wesonto eledlule ehambe ewumuntu obuyayo, engachazanga ukuthi uyaphi.
Ilungu lomndeni elikhulume neSolezwe, elingathandanga ukudalulwa, lithe ukubulawa kwakhe kubethusile kakhulu.
“Uhambe kuwumuntu othi uyabuya. Bekungabo-4 ntambama kanti akachazanga ukuthi uyaphi. Asazi ukuthi yini imbangela yokubulawa kwakhe kodwa sinazo izinsolo zokuthi kungenzeka kube yisoka lakhe ebelisebenza esitolo esikhona endaweni ebese behlukene nalo, obekungathi limncengela ukuthi babuyelane. Lokhu sikusho ngoba ngosuku atholwe ngalo, nalo lilaxaze umsebenzi akwaziwa ukuthi likuphi,” usho kanje.
Ukutholwa kwesidumbu sikaDelisile silahlwe emobeni kule ndawo kubuyise itwetwe kwamanye amalungu omphakathi njengoba indawo yaseMthwalume eminyakeni emibili edlule ibisematheni, kutholwa ngezikhathi ezihlukene ezidumbu eziyisithupha zabesifazane zilahlwe emobeni.
Kwaboshwa uMafutha Khomo (41) ngo-Agasti 2021, owayesebenza etha uphethroli egaraji elikhona endaweni, emva kokuba kuthiwa wayalela amaphoyisa lapho izidumbu zabesifazane abahlanu ayezilahla khona. Kwathi ngosuku olwandulela ayezovela ngalo enkantolo, isidumbu sakhe satholwa silenga esitokisini samaphoyisa kanti kusolwa ukuthi wazibulala.
Omunye wezishoshovu ezilwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane emphakathini kule ndawo, uNksz Hlengiwe Gambushe, uthe lesi sigameko sibathuse kakhulu kangangoba sibashiye bezibuza ukuthi ngabe usekhona umalugaju obulala abantu besifazane emva kokufa kukaKhomo.
“Umsolwa owayeboshwe noKhomo wadedelwa wabuyela emphakathini engabekwanga macala. Uma sekuphinda kwenzeka okunje, kusishiya nemibuzo siwumphakathi ukuthi mhlambe usekhona ungqondongqondo ekubulaweni kwabantu besifazane. Siyesaba kakhulu, sifisa kwenzeke njengezethembiso zikaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, owathi kuzohlale kunamaphoyisa ahlolayo endaweni ukuqinisekisa ukuthi kuphephile kodwa okungakaze kwenzeka,” kusho uNksz Gambushe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseHibberdene aphenya icala lokubulala.