UFUNA athathelwe izinyathelo uthisha ofundisa iPhysics esikoleni iMbangazwe High KwaMakhutha, umndeni womfundi ozikhunge ngezinsolo zokuthi ubehlukunyezwa nguthisha.
UThandolwethu Ngcobo (15) kuthiwa uzilengise kwenye yezindlu zakubo ekuseni ngoLwesihlanu, esewushaye waphelela umfaniswano wesikole, elungiselela ukuya esikoleni.
Kuthiwa utholwe elinye ilungu lomndeni ebeliyobheka okuthile kule ndlu, lazithela phezu kwakhe elenga, lazisa amanye amalungu omndeni.
Unina kamufi uNksz Nokulunga Ngcobo, uveze ukuthi ngoLwesine ebusuku, UThando umxoxele waze wakhala esho ukuthi akasafuni ukufunda kwiPhysics
“Uthe okungenani angamane ayofunda kwaGeneral. Ngimbuze isizathu sokushintsha umqondo, wathi akasathandi ngoba zizomhlula izifundo zakwaPhysics,” kusho uNksz Ngcobo.
Uthe kumkhathazile emoyeni ukuthi kungani indodana yakhe isishintsha umqondo ekubeni ibihlale icula iculo lokuthi uma iqeda isikole ifuna ukuba wunjiniyela.
Uveze ukuthi okubuye kwamxaka ukuthi engxoxweni yabo uThando ushilo ukuthi ikilasi lakwaGeneral abethi ufuna ukuya kulona, kuthiwa seligcwele.
“Ngizibuze ukuthi kungani agcizelele ukuthi ufuna ukuya kulona yize azi kahle ukuthi seligcwele,” kusho uNksz Ngcobo.
Uveze ukuthi emva kokushona kukaThando, ozakwabo abefunda nabo ekilasini bamtshele ukuthi unsuku zonke uthisha wePhysics, ubehlale ebuza umufi ukuthi “uyindoda enjani, ulwelwa unyoko izimpi zakho”.
"Ngesikhathi ngiyolanda iripoti likamufi kuvalwa izikole nyakenye, uthisha wakhe wakwaGrade 9, wangitshela ukuthi kukhona okuphambene ngamamaki kaThando. Wathi kodwa angingakhathazeki konke kuzolungiswa. Eripotini wayephasile. Kuthe ngosuku lokuqala lokuvulwa kwezikole, ngathola ukuthi umiswe emnyango usuku lonke, wangangeniswa ekilasini lePhysics,” kuchaza uNskz Ngcobo.
Uthe washayela uthisha wakhe wakwaGrade 9 ucingo embuza ngalokhu, kodwa waphendula ngokuthi akeze ngakusasa esikoleni uThando, konke sekulungisiwe.
"Ngesonto lokuvulwa kwezikole, uThando ubebukeka ekujabulele ukufunda iPhysics aze axoxe ngamatemu ePhysics, uma ebhala i-homework. Ngixakekile ngoLwesine uma eseshintsha isigubhukane esethi yena akasayifuni, aze akhale izinyembezi,” kusho uNksz Ngcobo.
Uthe ufuna uMnyango wezeMfundo uphenye ngezinsolo ezishiwo ozakwabo bakaThando okukholakala ukuthi ziholele ekuzibulaleni kwakhe.
“Kusho ukuthi lo thisha akanalo ubizo lokufundisa uma ekhuluma izinto eziholela ekutheni izingane zigcine zizibulala. Kudingeka inqandwe indlela yokuziphatha kwakhe ukuze angaphinde abekhona omunye umntwana ozozibulala ngenxa yakhe,” kusho uNksz Ngcobo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Muzi Mahlambi, uthe basanda kuzwa ngalolu daba.
“Siyaluphenya. Esingakusho okwamanje ukuthi sidlulisa amazwi enduduzo emndenini,” kusho uMahlambi.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo lokufa komuntu eliphenywa amaphoyisa aKwaMakhutha, emuva kwesigameko lapho umfana (15) etholwe elenga kubo.