I-SOUTH African Transport and Allied Workers Union (Satawu) isola i-United National Transport Union (Untu) ngokudayisa umzabalazo wabasebenzi emuva kokuthi le nyunyana ivume isiphakamiso sokunyuswa kwamaholo ngo-6% eTransnet.
I-Untu ithe isayine isivumelwano emuva kokubonisana namalungu ayo abone kuyisona esingcono njengoba iTransnet isuke ku-4.5% no-5% yasondela kancane emandleni emali ami ku-7.5% njengamanje.
Yize i-Untu inamalungu amaningi eTransnet kodwa akucaci noma isiteleka siphelile noma sizoqhubeka.
Isolezwe lithole ukuthi i-Untu yiyona enamalungu amaningi njengoba imele u-53% (24 992) wabasebenzi baseTransnet.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba wuNobhala Jikelele weSatawu, uMnuz Jack Mazibuko, uthe uphatheke kabi ukuthi i-Untu isayine isivumelwano sokunyusa amaholo esingaphansi kwamandla emali.
Uthe sivumelwano seminyaka emithathu sihlinzela ezibini abasebenzi ngoba bebengafuni into engaphansi kwamandla emali.
Ukhale ngokuthi akusekho ukubambisana phakathi kwezinyunyana, okuyinto edayisa umzabalazo wabasebenzi.
Isolezwe lizamile ukushayela uMazibuko nephini lakhe ukuzwa ukuthi ngabe abasebenzi beSatawu sebezobuyela emsebenzini yini kodwa ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
UNksz Amanda Tshemese ophethe ezokuxhumana kwiSatawu, utshele Isolezwe ukuthi abasebenzi beSatawu basatelekile okwamanje.
Uthe ubuholi beSatawu buzobe busechwebeni laseThekwini namhlanje ngo-9 ekuseni ukuzokhuluma nabasebenzi ukuze kuhlahlwe indlela eya phambili.
Isivumelwano esisayinwe yi-Untu neTransnet sisho ukuthi abasebenzi bazonyuselwa umholo ngo-6%, banyuselwe umhlomulo we-medical aid, bese bekhokhelwa imali abakweletwa yona izinyanga ezintathu kusukela ngoNovemba 15 kuze kube wuJanuwari 16 wonyaka ozayo.
Ukusayinwa kwesivumelwano kusho ukuthi amalungu e-Untu asebuyele emsebenzini.