KULEKELELE izikhukhula zakamuva ekutheni kutholakale izidumbu ezimbili zamalungu omndeni wakwaMdlalose eMzinyathi, eThekwini, ezanyamalala ngenhlekelele yezikhukhula zangenyanga edlule.
Lo mndeni walahlekelwa ngamalungu ayishumi ngenxa yalezi zikhukhula. Izidumbu zamalungu ayisithupha zatholwa ngayo inyanga edlule, zangcwatshelwa eMgungundlovu kanti kuthe ngoMsombuluko kwaphinde kwatholwa isidumbu sikaThobeka Mdlalose (24) nesikaLusanda Mdlalose (15).
Echaza indlela okuthiwa batholwe ngayo okhulumela umndeni, uMnuz Thokozani Mdlalose, uthe kusize izikhukhula zakamuva okuyizo ezigugule imfucuza ebimboza laba abatholiwe.
“Ngesikhathi kuguguleka imfucuza ngenxa yezikhukhula zakamuva, amalungu omphakathi abone isandla somuntu sivele enhlabathini, kwabizwa abatakulayo kwaqala ukumbiwa. Umndeni ukwazile ukubahlonza ngoba nakuba bese kunesikhathi bagqibeka kodwa bebengakonakali kangako,” usho kanje.
Uthe esinye isidumbu kulezi ezitholiwe besingenakhanda. Uveze ukuthi ngesikhathi amasosha eqhubeka emba, kuphinde kwatholakala umlenze okusolakala ukuthi ngokaMenelisi Mdlalose (6) osekunguyena noKholeka Mdlalose (18) kuphela abangakatholwa.
UMdlalose uthe sebethandazela ukuthi laba ababili abasasele nabo batholwe ukuze bangcwatshwe, umndeni ukwazi ukuphola uqhubeke nempilo.
“Okungasibambezela kuphela sekungaba wukwenziwa kolibofuzo, esinesifiso sokuthi kungashesha ukuze sikwazi ukungcwaba. Laba batholwe lapho esasibacinga khona futhi siyakholwa ukuthi uma nje kungaqhubeka nokumbiwa, nalaba ababili bazotholwa,” usho kanje.
Lo mndeni ukhale ngokugqoza kosizo oluvela kuhulumeni njengoba uthi izikhulu zikahulumeni selokhu zagcina ukubonwa ngesikhathi kusanda kwenzeka inhlekelele, nakhona ziphethe okungatheni ezazinikela ngakho. Ubonge kakhulu izikole okwakufunda kuzo izingane zalo mndeni okuthiwa bezinikela ziphindelela, waphinde wancoma okwenziwa wumholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, nethimba lakhe ngeminikelo