KUSHUBE umbango wokuhola iKwaZulu-Natal amaqembu ezepolitiki eqinisa imikhankaso yawo yokhetho lwangesonto elizayo.
Amaqembu asembangweni wokuhola iKwaZulu-Natal, i-ANC ne-IFP abe nemikhankaso emikhulu ezingxenyeni zeKwaZulu-Natal kule mpelasonto.
IKwaZulu-Natal ingeyesibili ngokwesibalo esiphezulu sabantu ababhalisele ukuvota.
I-ANC ithumele uMengameli Cyril Ramaphosa, ukuba azoqinisa umkhankaso wayo wokhetho.
URamaphosa uchithe izinsuku ezintathu ekhankasa ezifundeni iTheku, iMoses Mabhida, Inkosi Bhambatha, neGeneral Gizenga Mpanza.
URamaphosa uvale umkhankaso wakhe eThekwini.
Uqale ngokuyokotha inkosi yaseMangangeni, uBhekamanganga Shozi, wabe eseyokhuluma nabalandeli be-ANC abebehlangene eSiphingo.
URamaphosa uthe akakungabazi ukuthi i-ANC izonqoba KwaZulu-Natal.
“Laba abathi iKZN bazoyithatha, bayaphupha, amaphupho nje. Nina njengamavolontiya e-ANC nizokwenza isiqiniseko sokuthi i-ANC iyalunqoba ukhetho. Anizukugcina ngokwenza isiqiniseko sokuthi siyanqoba KwaZulu-Natal, nizophinde nenze isiqiniseko sokuthi siyanqoba nakuzwelonke.”
URamaphosa uthe kuningi okwenziwe i-ANC ukushintsha impilo yabantu.
Uthe umthetho womshwalense wezempilo asanda kuwusayina, iNational Health Insurance, uzoshintsha impilo yabantu.
“INHI izoqeda ukucwaswa kwabantu ezikhungweni zezempilo. Bonke abantu bazothola usizo lwezempilo ngokulingana.”
Bekungokokugcina ukuba uRamaphosa akhankase KwaZulu-Natal ngaphambi kokhetho oluzayo.
I-IFP ibe nomcimbi omkhulu eThekwini, enkundleni iKing Zwelithini, eMlaza.
Inkundla ibigcwele phama.
Ophakanyiselwe kwesikandunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe i-IFP kuphela enomlando wokuletha izidingo kubantu.
“I-IFP ayikhulumi ngomlomo, inemisebenzi ebonakalayo.”
UNtuli uthe bakhathazekile ngokungahanjiswa kwezidingo kuMasipala waseThekwini.
“Uma siwina ukhetho sizowuhlakaza uMasipala waseThekwini, kuqalwe phansi ukuvota.”
UNtuli uthe kubashiya nemibuzo ukusayinwa komshwalense wezempilo sekubhekwe okhethweni.
“Asiwugxeki lo mthetho kodwa kungani usayinwa ngoba nakhu sekuyiwa okhethweni? Kungani uhulumeni ungathathanga le mali wayothuthukisa ngayo izibhedlela nemitholampilo? Kungani kungaqashwanga odokotela?”
Nabanye abagaqele esobundunankulu KwaZulu-Natal bebengazibekile phansi.
Omele iDA, uMnuz Chris Pappas, uhambele inkonzo yokukhulekela ukhetho ebiseWestville, wabe esedlulela enkonzweni ebiseLutheran Church, eThekwini.
Omele i-ActionSA, uMnuz Zwakele Mncwango, ubekhankasa kwaDukuza, ngoMgqibelo.
NgeSonto wethule inkulumo enkonzweni eCFCI, oLundi.
UMncwango uthe kuzokuba noshintsho ekubusweni kwezwe emva kokhetho.
Uthe ufisa ukuthi abazongena emandleni kube abantu abamesabayo uNkulunkulu.