MBALI KHANYILE
INJABULO iphenduke usizi, eSouth Beach, eThekwini kuminza abesifazane ababili nezingane zabo ezimbili.
Lesi sigameko kuthiwa senzeke izolo ngabo- 4 ntambama.
Umthombo weSolezwe, uthe laba abesifazane nezingane bathathwe yigagasi ebelinamandla ngesikhathi bebhukuda olwandle.
" Izidumbu zabesifazane zitholakale ngokushesha emuva kokuthi kubikelwe ithimba lamaphoyisa ajutshwe ukuqapha isimo kule ndawo. Ingane eyodwa ishonele esibhedlela, i-Addington. Isidumbu seyesibili sitholakale ngasemtateni, eMaydon Wharf sikhafulwe ulwandle. Abantu abebeyongcebeleka ebhishi nasezindaweni zokudlela ezigudle ulwandle basale beshaqekile ngesigameko esenzekile," kusho umthombo.
Uphetha, uthe endaweni yesigameko kufike nemndeni ebiyobheka izidumbu zamalungu ayo amukile.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube udlulise ukudabuka ngabantu abashonile. Uthe okwamanje abakayitholi imininingwane eyanele ngalesi sigameko kodwa basajube ithimba labo lezinhlekelele nomasipala weTheku ukuthi balethe umbiko ogcwele.