UBHEKENE nengwadla yokushoda kothisha beMaths neScience uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal phezu kokuba bengaphezu kuka-30 000 othisha abagogodile abafuna umsebenzi.
Labo thisha bashoda kusuka kwaGrade 10 kuya kwa-matric.
Inhloko yomnyango uMnuz Nathi Ngcobo, itshele ikomiti loMnyango wezeMfundo esiShayamthetho ukuthi isifundazwe sisashodelwa ngothisha beMaths neScience nakuba bebaningi othisha abafuna umsebenzi.
Lo mnyango wakha ingcina mininingwane (database) yabo bonke othisha abangasebenzi, abanye babo abaze bamashela umnyango befuna ukuqashwa.
UNgcobo uthe emakhasini omnyango ezinkundla zokuxhumana noma kuthiwa uNgqongqoshe uvela evula isikole, abasuke bephawula babuza ukuthi baqashwa nini.
“Njalo babuza ukuthi sibaqasha nini othisha. Sinenkinga yokuthi basashoda othisha balezi zifundo kodwa iningi labo noma ligogodile kulezi zifundo kodwa uthola ukuthi akuzona ezamabanga esiwadinga kakhulu njengoba sibadinga kwiFET Phase (Grade 10 kuya kuGrade 12). Siba nenkinga yokuthi asikwazi ukuqasha abantu abangagogodele lelo banga esisuke silidinga,” kusho uNgcobo.
Uthe noma bebaqasha othisha kodwa abaqashi abaningi kakhulu ngonyaka umunye.
“Njengoba sinabantu ababalelwa ku-30 000 abafuna umsebenzi wokufundisa, uma siqashe abangu-1000, lo omunye u-29 000 uzobona sengathi asenzanga lutho ngoba baningi abanye abasuke besele. Ngisho kungakhiwa isikole esisha sivulwe, ngeke banele bonke labo thisha abalinde ukuqashwa.”
Uthe abanye uthola ukuthi babenze ezinye iziqu kodwa ngenxa yokuthi abawutholi umsebenzi kuleyo mikhakha bese benza iPGCE yonyaka owodwa e-Unisa ukuze babe neziqu zokufundisa.
“Laba abasuke benze iPGCE basuke belinde ukuthi uma kuqhamuka ngalapho begogode khona, bashone khona bayofuna umsebenzi. Uma kuqhamuka nangapha eMnyangweni wezeMfundo bazame nakhona inhlanhla.”
U-Advocate Bheki Masuku oyiphini lomqondisi jikelele emnyangweni, uthe kabagxilile ekuqasheni othisha abafunde ngomfundaze womnyango iFunza Lushaka kodwa baqasha noma ngubani.
Uthe abanye othisha babhala ukuthi banazo izifundo ezifana neMaths neScience kumaCV abo kodwa uthole ukuthi abagogodanga kwiPhase abasuke beyifuna ngoba awukwazi uthisha ukumfaka endaweni angazange ayifundele.