SEKUZE kwejwayeleka ukuthi amaqembu ezepolitiki agqigqe eNdlunkulu kaZulu, eyokotha iSilo futhi lokhu kukhona okuthile okukuchazayo ngobudlelwano bepolitiki yamaqembu nobukhosi. Cishe wonke umuntu uyazi ukuthi osopolitiki uma kukhona into abayenzayo, basuke belele emqondweni othile wokuthi bahlomule amavoti.
Kuyacaca ukuthi amaqembu lawa aqonda kabanzi ukuthi amandla obukhosi nokuthi uma ebonakala eduze kweSilo cishe lokhu kungakha isithombe esithile kubantu abangaphansi kwaso. Amahele lawa ayokotha iSilo, aqala ukwanda kakhulu manje njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelonke oluzoba ngonyaka ozayo.
Awafiki nje ngezandla kodwa asuke eqhuba imihlambi yezinkomo akhuleka ngazo kusona iSilo. Akugcini lapho, kuba nenimhlangano ebanjelwa esithe okugcina kungaziwanga ukuthi kuxoxwani kuyona.
Okuqaphelekayo wukuthi wonke amaqembu akhuluma kahle ngeSilo kwabezindaba esho khona ukuthi siwuhlaka olubalulekile futhi ayaseseka.
ISilo siphila ngomgomo wokuthi asihlangene naqembu lezepolitiki kodwa simukela wonke umuntu uma efisa ukusondela eyokotha ebukhosini.
ISilo sikaZulu siphethe ubukhosi obukhulu, obudumile nobuhlonishwayo emhlabeni nokuchaza ukuthi kunezinkumbi zabantu abangaphansi kwaso. Ubukhosi bukaZulu budala kakhulu futhi budume ngamaqhawe aziwayo emlandweni.
ISilo siphinde sengamele umhlaba omkhulu KwaZulu-Natal ngaphansi kwebhodi Ingonyama Trust ehlala isematheni nosopolitiki bephikisana ngayo ngakhulu.
Into enkulu kosopolitiki wukucubuza amagabade kubantu bese bethola amavoti azobasondeza emandleni. Inhlangano ebusayo i-ANC nabaholi bayo abajutshwe kuhulumeni bayagqigqa kakhulu ukuyokotha iSilo.
I-ANC yona uma iziphendulela ngokuzihuqa eSilweni ithi inakekela ubuholi bendabuko ngoba buyingxenye ebalulekile yokubuswa kwezwe.
UKhongolose uma ucubungula imbangela yokwehlelwa amavoti KwaZulu-Natal, ukubeka kucace ukuthi udaba lweSilo neNdlunkulu kaZulu lunomthelela. Bakubeka kucace ukuthi kukhona isidingo sokuthi kulungiswe ubudlelwano benhlangano nendlunkulu futhi kulekelelwe ukudala uzinzo.
UNobhala -Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, egcina ukuvakashela iSilo wakhuleka ngezinkomo eziwu-10 ngoMeyi nonyaka. Kwasabalala ukukhuluma okuthi i-ANC ibizama ukuthenga iSilo kodwa kwachithwa lokho, kwathiwa kushiwo abantu abangaqondi ngosiko.
“Ukuvakasha kwethu siyobona iSilo kuyingxenye yokuthi sihlale sixhumene nezinhlaka ezibalulekile emphakathini. Siyazi ukuthi ubukhosi bubaluleke kanjani. Siyaseseka iSilo ngayo yonke indlela,’’ kusho uMbalula ephawula ngohambo lwakhe ukuyokotha.
Ufakazi wokuthi indlunkulu ithathwa njengebalulekile kosopolitiki, wukuthi uhulumeni uqinisekisa ukunakekelwa kwayo ngesabelomali unyaka nonyaka. ISilo sinikwa izimoto neminye imihlomulo ehambisana nesikhundla sayo.
Indlunkulu neSilo kuze kubangwe amaqembu ezepolitiki ejikijelana ngamazwi esolana ngezinto ezehlukene. Kuke kwaba nomdonsiswano oshubile phakathi kwe-IFP ne-ANC esifundazweni ngodaba lweSilo.
I-ANC yayikhala ngokuthi i-IFP isebenzisa indlunkulu negama leSilo ukuzigayela amavoti. I-IFP ibihlala ikuchitha lokhu, ithi yinto engekho yona ayixubi iminxa ehlukene iSilo nenhlangano. Obekudala umsindo wukuthi umsunguli we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi, ongasekho ibiwundunankulu kaZulu isikhathi eside.
I-IFP isanda kuhamba nayo iyokotha iSilo yakhuleka ngezinkomo okuthiwa zicela kwezingu-20. Okhulumela i-IFP uMnuz uMkhuleko Hlengwa, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba wathi bavakashele iSilo ukuzosiduduza ngokulahlekelwa wundunankulu waso inkosi Mangosuthu Buthelezi.
“Kukhona ubudlelwano obukhona ngoba umsunguli we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi ibuwundunankulu kaZulu. Sithe asivele sizoduduza iSilo ngokulahlekelwa kwaso. UShenge ubambe elikhulu iqhaza ezindabeni zobukhosi endlunkulu. Okunye wukuthi siyazi ukuthi iSilo sibaluleleke kakhulu emphakathini,’’ kusho uHlengwa.
UHlengwa waveza nokuthi bakubona kubalulekile ukuthi bayobona iSilo ngoba nabo banengxenye yabantu beSilo ababasebenzelayo lapho abaphethe khona. UHlengwa wathi kufanele bazi ukuthi iSilo sinamuphi umbono ngezwe.
UHlengwa waluthinta udaba lomhlaba weSilo, wathi njengoba kubhekwe okhethweni udaba lomhlaba luzobe luseqhulwini, waveza nokuthi kukaningi kuhlaselwa Ingonyama Trust ephethe umhlaba weSilo.
Iqembu lezepolitiki elinye elisanda kufika liyokotha iSilo kwaba yi-EFF iholwa wuMnuz Julius Malema uMengameli wayo. UMalema nezakhe nabo abafikanga beshwiba izandla kodwa bafika bakhuleka ngezinkomo ezinhlanu bezithwele ngeloli.
UMalema naye waveza ukubaluleka kweSilo nodaba lomhlaba oluyindaba egudwini.
“ISilo namakhosi bayingxenye ebalulekile emphakathini, yingakho sithe asivele. Sizobonakala kakhulu KwaZulu-Natal nomkhankaso wethu wokhetho uzoba khona la. Besizozethula ukuze iSilo namakhosi bangasexwayi,’’ kusho uMalema.
I-DA nayo ayifuni ukusala ngaphandle ngokuyokhuleka kuBayede ngoba nayo ilandelane eduze ne-EFF ngosuku olulandelayo yatheleka. Nayo yafika yakhuleka ngezinkomo eSilweni yaxoxa nangodaba lokubulawa kosopolitiki esifundazweni nokunye okuningi.
I-DA nayo yezwakalisa ukweseka iSilo nokusifisela okuhle kodwa ekuholeni isizwe saso.
Iqembu elisha i-ActionSA nalo libuya khona ukuyokotha iSilo lafika lakhuleka ngenkomo lizethula kuBayede. Nalo lakhombisa ukuseseka kakhulu iSilo lathembisa ukuthi lizoba nobudlelwano obuhle naso.
Wonke amaqembu agqigqa kangaka nje, kungenzeka ukuthi anethemba lokuthi lokhu kuzolekela ngandlela thizeni ekutholeni amavoti.