UMPHATHI wenyuvesi yakuleli i-Unisa uSolwazi Puleng LenkaBula, uthe sebeqinise uphiko oluxhumana nezitshudeni ukuze lusheshe luphendule ezinkingeni nasezikhalweni zezitshudeni ngokushesha.
Uthe lolu phiko belubhekene nezinselelo wathi kodwa muningi umsebenzi osuwenziwe ukuze kuxazululwe izikhalo njengoba kuhlale kunezikhalo zokuthi iyaphuza ukuphendula uma izitshudeni zifuna usizo.
“Ezinye zezinselelo zindala yingakho siqinisa lolu phiko ukuze izitshudeni zisheshe zisizakale. Enye yezinkinga yindaba yokuphuza ukukhishwa kwezitifiketi uma izitshudeni seziphothule iziqu. Likhulu ibanga eselihanjiwe ukuqinisekisa ukuthi ziyashesha ukukhishwa izitifiketi.”
Uthe ithimba elibhekele ukuthweswa kwezitshudeni imiyezane, lihambela ezikhungweni ezehlukene ukuze izitshudeni zikwazi ukuzozilandela ngqo izitifiketi zazo.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba ePitoli izolo, eveza isithombe ngale nyuvesi njengoba ekhale ngokuthi kubhalwa okubi kuphela ngalesi sikhungo.
Izitshudeni zakule nyuvesi zihlale zikhala ngokuhamba kancane kohlelo lokukhishwa kwezitifiketi zazo ukuze zikwazi ukuyofuna umsebenzi.
USolwazi LenkaBula uthe le nyuvesi ithola izicelo ezevile ku-1 million, ngonyaka.
“Zibalelwa ku-350 000 izitshudeni esizamukelayo, okusho ukuthi ingxenye eningi yezitshudeni ezifunda ezikhungweni zemfundo ephakeme kuleli, zise-Unisa ngonyaka le nyuvesi ikhiqiza u-20% walabo abathweswa iziqu.”
Uthe le nyuvesi iqashe abasebenzi ababalelwa ku-1 823, abangu-1 059 babo baneziqu zobudokotela.
“Abangu-245 kubasebenzi benza ucwaningo kwi-National Research Foundation. Kunabasebenzi abaphephezelise ifulegi lenyuvesi emincintiswaneni yalo nyaka i-South African Women in Science Awards (SAWiSA), ebingale nyanga okuhlonishwe kuyona abanye osolwazi bethu okungoPuleng Segalo, wasophikweni iHuman Sciences. Kuhlonishwe noSolwazi Fortunate Silinda, othole indondo iHERS-SA Higher Education Women’s Leaders.”
Uthe abanye kwabafundisa kule nyuvesi baqokelwe emabhodini ezinkampani ezehlukene.
Uveze ukuthi isimo semali senyuvesi sihle kakhulu njengoba enqolobaneni yabo kuno-R17 billion kusuka ngo-2021.
“Kuningi okuhle okwenzeka kule nyuvesi nakuba zikhona nezinselelo. Akuyona kuphela le nyuvesi ebhekene nezinkinga njengoba nakwezinye izikhungo kunezakhona izinkinga.”
Kwenzeka lokhu nje uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande, wanxusa ukuthi umkhandlu wenyuvesi umbhalele umnike izizathu zokuthi kungani le nyuvesi kungamele ayifake ngaphansi komlawuli ngenxa yezinkinga ebhekene nazo.