UPHITHENE ikhanda owesifazane waseNtinini eNquthu, okushe zonke izimpahla abezokwaba ngazo emshadweni okuhlelwa ukuthi ube maduze.
Kumanje umakoti akakaze afike ekhaya ukuzobona umonakalo njengoba ethi akuvumi ngendlela adideke ngayo.
Lesi sigameko kuthiwa siqale ngoMsombuluko emini umndeni uhleli kwenye indlu. Nezicishamlilo ebezisuka edolobheni eNquthu zifike indlu obekungeyotshani isingumlotha nezimpahla sezishe zonke.
NangoLwesithathu omakhelwane nezihlobo bebelokhu bephuma bengena bebabaza umhlola kwazise umuzi ubulungiswa kwenzelwa ukuba umshado ufike konke kusezingeni.
Ezindlini ezishile kubalwa eyotshani ebinezimpahla zomshado nezezingane zesikole uma kubalwa nezishe ngoLwesithathu, bese kuba ngenkulu enamagumbi angaphezulu kwamahlanu nayo eshile newurawondi kathayela okushe konke obekuphakathi kuyo. Izimpahla ezisindile kwenye yezindlu bese zibekwe egcekeni.
UMnuz Bongani Nyandeni uthe udadewabo ubezoshada maduze, bese bethenge inqwaba yezimpahla ukuze bamkhiphe ngazo ekhaya ngokomshado wesintu.
“Angiyazi ngempela le nto esehlele ukuthi ngingayichaza ngani ngoba kuyona le ndlu bekukhona nezinye izimpahla zezingane zesikole nezomfana walapha ekhaya obengekho esemsebenzini.
“Izingane aziyile ngisho esikoleni ngoba kushe konke ebezinakho. Udadewethu lona obezoshada sisalindile naye ukuba afike azobona umonakalo osehlele njengoba engahlali lapha kodwa esemzini wakhe eNondweni. Okubi wukuthi amaphoyisa aseBabanango siwabizile kodwa kuze kube namhlanje (izolo) awakaze afike ezobona umonakalo ukuze avule necala, aphenye yize siwabize umlilo usasha,” kubalisa uNyandeni.
UNkk Ntombi Nyandeni Mngomezulu (52) obezogcagca ngokwesintu, uthe usaba ngisho ukuya ekhaya ayobona umonakalo ngendlela ikhanda lakhe eliphithene ngayo.
“Usuku lomshado besingakalukhiphi njengoba bekusenziwa amalungiselelo kuhlanganisa nakho ukuthengwa kwezimpahla zokungikhipha ekhaya ngokomshado.
“Nakhu-ke sekwenzeka lo mhlola engingazi nokuthi ngizowuchaza ngithini. Mina ngashonelwa ngumyeni wami. Kodwa bengizoshada naye ngokwesintu yize engasekho. Kwawona lo mshado angisazi nokuthi uyoba nini uma kunje,” kusho uNkk Nyandeni Mngomezulu.
Ezindlini ezishile kubalwa eyotshani ebinezimpahla zomshado nezezingane zesikole uma kubalwa nezishe ngoLwesithathu, bese kuba ngenkulu enamagumbi angaphezulu kwamahlanu nayo eshile newurawondi kathayela okushe konke obekuphakathi kuyo. Isithombe: INTATHELI YESOLEZWE
Induna yendawo, uMnuz Sipho Ngobese, ithe kuqhaqhazela amadolo kuyo, imelwe yingqondo ngokwehlele lo mndeni.
Uthe akazi ngempela ukuthi ngabe bekwenzenjani futhi yini imbangela yomlilo njengoba nomndeni wakwaNyandeni nawo ungazi ukuthi ngabe umlilo udalwe yini.
Umndeni wakwaNyandeni umile ekutheni awusoli muntu kodwa amakhanda asadidekile.
Umfana wakhona Isolezwe limfice eme kude negceke ebuka kude, kubonakala ukuthi umqondo wakhe uhambile ngenxa yokuthi naye ushelwe yikho konke, wasala nezimpahla abezigqokile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane, uthe ucela umndeni uye emaphoyiseni aseBabanango uxhumane nomphathisiteshi ukuze abasize kulesi simo ababhekene naso.