Sishayelwe ihlombe wuMphathiswa wezokuThutha eKZN isinqumo senkantolo egwebe iminyaka engu-10 indoda eyabulala ngokungenhloso izihlobo zikangqongqoshe.
UMnuz Sipho Hlomuka uthe ukugwetshwa kukaCelumusa Ngwenya (35), yiNkantolo yesiFunda eMnambithi, kuzothumela umyalezo oshubile nakwabanye abashayeli.
UNgwenya uvume amacala okubulala ngokungenhloso amalungu ayisithupha kaNgqongqoshe wezokuThutha, uNkk Sindisiwe Chikunga engozini yomgwaqo wase eyagwetshwa.
Uphucwe nelayisensi yakhe yokushayela ekhanseliwe.
“Siyasincoma isinqumo senkantolo esenze lo mshayeli wabhekana nesenzo sakhe. Sizoba yisifundo kuyena nakwabanye abashayeli bezimoto abaqhubeka nokushayela budedengu,” kusho uHlomuka.
Ukhuthaze izinkantolo ukuba ziqhubeke ngawo lo mgqigqo wokukhipha izigwebo eziwulolu hlobo.
Isiphihli sengozi eyayinyantisa igazi sehla emgwaqweni onguthelawayeka uN11 eMnambithi ebusuku ngomhla ka-17 Julayi 2022.
Yayiphakathi kwemine nengu-40 iminyaka yababhubha okwakuyindodana kangqongqoshe, inkosikazi nezingane zabo ezine.
INational Prosecuting Authority eKZN ithe uNkk Chikunga walethela inkantolo umbiko lapho ezwakalisa ubuhlungu bakhe nesilonda asala naso ngokushona kwamalungu omndeni wakhe.
Kuthiwa ingozi yenzeka uNgwenya esika imoto ejikeni ehamba ngesivinini sika-158km/h endaweni egunyazwe ijubane lika-80km/h.