KUSHABALALE amathemba emindenini yabafundi bakamatric ababili eThekwini, abashone kungazelelwe ngoLwesibili.
Esigamekweni sokuqala, uThabani Vilakazi (21) obefunda eMandlenkosi High, eLindelani, kuthiwa ugwazwe ngumfundi kaGrade 10 ngaphakathi emagcekeni esikole kubangwa intombi.
Kuthiwa umsolwa ufike bemile bebathathu, wacela ukukhuluma nomufi, kwathi kungazelelwe, wamgwaza kanye esiswini. Kuthiwa ushonele emtholampilo wendawo emva kokuphuthunyiswa khona.
Unina, uNksz Lindi Vilakazi, ebezilokhu zehle njalo izinyembezi kuye, uthe umndeni wonke ubusubeke amathemba awo kumufi, ukuthi nguye ozowutakula obubheni obhekene nalo.
“Obulele uThabani usingcwabe siphila. Njengoba ubenza ibanga lokugcina, bese sibona ukuthi mhlawumbe nguye ozophumelela alungise isimo sekhaya,” kusho uNksz Vilakazi.
Ngesikhathi Isolezwe lifika endaweni, umphakathi ubudinwe ugane unwabu uthi asivalwe isikole iMandlenkosi ngezinsolo zokuthi akekho obefuna ukusiza umufi emva kwesigameko.
Kuthiwa umufi uze waphuthunyiswa emtholampilo ngabanye abafundi.
Umfowabo kamufi, uMnuz Mpho Vilakazi, uveze ukuthi umndeni akuwuphathanga kahle indlela ozwa kuthiwa isikole sisingathe ngayo udaba.
“Ukuthi umfowethu uze wahanjiswa ngabanye abafundi emtholampilo akusiphathi kahle. Kwenza sibe buhlungu kakhulu-ke uma sesizwa nokuthi kukhona uthisha othe ngeke ubafo afakwe ezimotweni zabo ngoba zizongcoliswa yigazi,” kusho uVilakazi.
Uphinde wathi banemibuzo ukuthi isikhali okugwazwe ngaso umfowabo besingene kanjani emagcekeni esikole.
Ngesikhathi umndeni usalandisa Isolezwe ngesigameko, kufike othisha baseMandlenkosi, obekukhona kubo uthishanhloko namalungu esigungu esilawula isikole ukuzobhonga emswaneni.
USihlalo wesigungu, uMnuz Bonginkosi Mbonambi, ekhuluma neSolezwe uthe kungamampunge ukuthi umufi uyiswe ngabanye abafundi emtholampilo.
“Uhanjiswe nguthishanhloko nesekela lakhe nabafundi abathathu. Okwenzekile wukuthi ngesikhathi ufika umndeni emtholampilo, uthishanhloko ubesephumile eze emndenini ukuzobika nesigameko. Akaficanga muntu, wabe esedlulela emaphoyiseni ukuyobika nakhona,” kucacisa uMbonambi.
Ukhale ngokuthi bayadinga ukwengezelwa onogada ngoba isikole sinezingane ezingu-1 800, kunzima ukuthi unogada oyedwa angabheka izikhali kuzo zonke izingane uma zingena esikoleni.
Uphinde waveza nokuthi banenkinga yopotsho abagcwele okuthiwa bavulwa yizo izingane.
“Sisola ukuthi umsolwa ungene ngawo ngoba nangemuva kwesigameko uphume ngopotsho, akaphumanga esangweni,” kusho uMbonambi.
Uthe bayafisa umnyango ubafakele ucingo olungasikeki njengolwezinye izikole ukuze kunqandwe indaba yopotsho.
Esigamekweni sesibili, uMazwi Kunene (21) waseClermont utholwe ezilengisile egunjini lakhe lokulala kule ndawo.
Unina, uNksz Thobani Kunene, uthe umufi ukwenze lokhu emva kokubuya kobhala iphepha ebelibhalwa ngoLwesibili. Uthe bebethembe ukuthi lukhulu azoba yilo bese beyasizakala nabo njengomndeni uma eqeda isikole.
“Ubehlale ethi yena uzongena kwezamabhizinisi. Bese sithembile ukuthi njengoba eseqeda isikole, iphupho lakhe akusekude lifezeke,” kusho uNksz Kunene.
Ephawula ngesehlakalo, uthe basadidekile ngoba akukho abeveze ukuthi kumcasulile futhi akukho ncwadi ayibhalile echazayo ukuthi kungani ethathe impilo yakhe.
“Ubuye esikoleni watshela ugogo wakhe ukuthi ukhathele, wahamba wayocambalala,” kusho uNksz Kunene.
Uthi umshayele ucingo ebuza ukuthi babuya nini benodadewabo emsebenzini, wathi uyahamba-ke yena ngoba ababuyi.
“Besingaqondi ukuthi ubesho ukuthi useqeda ngempilo yakhe,” kusho yena.
Uthi yibo abamfice elenga ngoba bathe uma befika, baqala ngokuyobheka yena endlini yakhe kanti bazomthola elenga engasekho.
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer, udlulise amazwi enduduzo emindenini, izikole ezithintekayo nasemphakathini, wathi udlame ngeke lubekezelelwe ezikoleni.
Amaphoyisa eKZN aveze ukuthi icala lokubulawa komuntu liphenywa amaphoyisa aseNtuzuma, akukaboshwa muntu.