KUSINDA kwehlela emindenini yababulawe ezigamekweni ezehlukene zodlame oluthinta abesifazane nezingane, KwaZulu-Natal.
Laba bagilwa okuboshwe abebesondelene kakhulu nabo, okukhona kubona namasoka, isikhathi esiningi abese behlukene nawo.
Imindeni yabagilwa, iningi layo lisele nezingane zabadlula kulezi zigameko. Engxoxweni neSolezwe imindeni ithe kusenzima ukudlulisa iqhubeke nempilo, emva kokugileka.
UNkk Khanyisile Mbongwa waseNhlalakahle eMgungundlovu, ongunina kaNksz Purity Mkhize (28), uthe izinyembezi zisagcwala amehlo uma ebuka umzukulu wakhe oneminyaka emibili.
Umzukulu wasinda bedutshulwa nodadewabo uLisakhanya Mkhize (3) nonina, esigamekweni okusolwa kusona uyise (esingenalo igama lakhe) okuthiwa usagqigqa inkantolo.
UNksz Mkhize nengane eneminyaka emithathu bashona kuleso sigameko. Kuthiwa umsolwa wayemnuka ngokujola nomakhelwane wakhe.
Umsolwa wazama ukumdubula kodwa wasinda emva kokuthi esebulale nomakhelwane abemsola ngokujola nengoduso yakhe.
UNksz Mbongwa uthe: “Namanje akangeni (umzukulu) nangephutha ekamelweni abahlaselwa bekulo. Kunalokho, zonke izinsuku uhlale esho ukuthi ‘ubaba wangidubula, nosisi nomama’. Lokhu kubuyisa bonke ubuhlungu esibuzwe kwenzeka isigameko.”
Uveze ukuthi kwabashiya nemibuzo ukuthola ukuthi umsolwa ubeselaliswe esibhedlela i-Eden, engagadiwe ngamaphoyisa, wabuye wabathumela izithombe esesitokisini edla ama-burger.
“Lokhu kusishiye nesithombe sokuthi usazenzela umathanda. Sazibuza ukuthi yini engamvimba ukuthi aphume eze kithi azosenzakalisa,” kusho yena.
Umsolwa ngesikhathi edubula abathathu, akayithintanga indodana kaNksz Mkhize angayizali, eneminyaka eyisishiyagalolunye.
UNksz Mbongwa uveze ukuthi yona inenkinga yokudinwa kuze kweqe, ngenxa yokubulawa kukanina nodadewabo.
Ilungu lomndeni kaNksz Andiswa Radebe (21) waseLovu, okuthiwa wabulawa ngowayeyisoka lakhe ngo-August 11 KwaFelekisi eManzimtoti, elicele ukungadalulwa lithe bona baphulwa umoya wukuhlehla kwecala, elithi sekwenzeke izikhawu eziningi.
UNksz Radebe wafa emva kokuthi umsolwa, oshayela amatekisi emgwaze kanye emqaleni. Kuthiwa umsolwa waphambana nomufi emgwaqweni ehamba ngetekisi, wayipaka eceleni komgwaqo, wehla wamgwaza maqede wabuyela kuyo, wayishaya yazula. Waboshwa emva kwesigameko. Kuthiwa wayinqaba ibheyili.
Ilungu lomndeni lithi: “Sibona sengathi udaba lwakhe inkantolo ayilusukumeli phezulu ngendlela esifisa ngayo. Ukube kuya ngathi ngabe alilokhu lihlehla kanje.”
Naye uthe kunzima endodakazini kamufi, eneminyaka emihlanu, okuthiwa ihlale ithi, ‘umama uzobuya angiphathele izinto ezimnandi’.
Uthe lokhu kubaphula izinhliziyo ngoba kusobala ukuthi ingane ayinalwazi lokuthi unina ngeke iphinde imbone ngenxa kamsolwa.
UNksz Khanyisile Nyide, ongunina kaNksz Nobuhle Nyide (23) owabulawa ngo-Okthoba 14, emva kokuxhifizwa ebusweni, wakopolotwa namehlo eNtshiyabantu, eMpendle, uthe akufunayo yena wubulungiswa.
Isidumbu sikaNksz Nyide satholwa ngakusasa eduze kwesigxobo sikagesi eduze nakubo.
Kwaboshwa isihlobo emva kokuba sitholwe nezimpahla zikamufi nezikhali ezigcwele igazi.
UNksz Nyide uthe okomthoba inhliziyo wukuthi umsolwa agwetshwe udilikajele.