KUDONSWE abantu ngendlebe ukuthi bangalinge bathumele imininingwane yabo yasebhange neminye imininingwane eyimfihlo kumaqola azenza sengathi aqoqa intela.
Njengoba kuqala isikhathi sokuqoqwa kwentela kubantu, iSouth African Revenue Service (Sars) ikhumbuze abantu ukuthi ayikaze ifune imininingwane yabo yasebhange kwi-email, SMS noma ePosini ngakho uma bethola lesi sicelo kumele bazi ukuthi asiveli kule nhlangano.
UMnuz Manie van Schalkwyk oyisikhulu esiphezulu senhlangano elwa nokuqolwa kwabantu, iSouthern African Fraud Prevention Service (SAFPS), uthe njengoba sekuqoqwa intela namasela amatasa afuna intuba yokuqola abantu.
Uthe babone ukuthi njalo uma kuqoqwa intela kunezigebengu ezithumelela abantu imilayezo yokuthi seziphothuliwe izinhlelo zabo zentela. Kuye kuthiwe kunemali okufanele ibuyele kubona noma okufanele bayikhokhe.
Emuva kwalokho, kuthiwa baye bacele abantu ukuthi bathumele imininingwane yabo yasebhange noma bathunyelelwe ama-link kuma-website angekho semthethweni, lapho kuthiwa mabafake imininingwane yasebhange ukuze bakhokhelwe imali eza ngakubona.
“Amaqola aze athumele ubufakazi bokuthi imali isifakiwe kwi-akhawunti yomkhokhi wentela kanti lutho. Abantu kufanele baqaphele ngoba amaqola amatasa,” kusho uVan Schalkwyk.
Uthe abantu bangayikhiphi imininingwane yabo eyimfihlo noma ngabe amaqola esethi uma bengakhokhi inhlawulo bazojeziswa noma bavalelwe ejele.
Ugqugquzele abantu ukuthi bathinte iSars uma bethola imininingwane abangenayo isiqiniseko sayo.
Ubalule ukuthi iSars inayo imininingwane yomuntu okhokha intela ngakho uma kufanele abuyelwe yimali izofakwa kwi-akhawunti yakhe ngaphandle kokuthi afake imininingwane yakhe.
Uthe abantu kufanele bahlale beqaphile ngoba izigebengu zisebenzisa izindlela ezihlukene ukubaqola.
Uphethe ngokuthi kufanele zibikwe emaphoyiseni izigameko zokuqolwa ngoba bathole ukuthi abantu abavamisile ukuzibika.