AMAPHOYISA aseqinisekise ukuthi aseqoqe ubufakazi obuqanda ikhanda mayelana nabasolwa, kwelokubulawa komrepha wakuleli nomngani wakhe, okwenzeka eThekwini nyakenye.
Kusongwa unyaka kwadutshulwa uKiernan ‘AKA’ Forbes nomngani wakhe uTebello ‘Tibz’ Motsoane, esigamekweni esenzeka bephuma kwenye yezindawo zokudlela i-Wish, esemgwaqweni uFlorida, eMorningside, eThekwini, ngobusuku buka-Febhuwari, 10 nyakenye.
Lesi sehlo, saholela ekutheni abanikazi bendawo yokudlela bamemezele ukuvalwa kwayo kusadlule inyanga senzekile, okukholakala ukuthi kwadalwa ukugqoza kwamakhasimende ngenxa yokwethuka.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthe amaphoyisa ayabuqonda ubucayi balolu daba.
“Sithanda ukuqinisekisa imindeni ethintekayo nomphakathi ukuthi esikhathini esingangonyaka sisebenze ngokungakhathali ukuthungatha ababulali. Sinethimba lamaphoyisa aqeqeshiwe, abaphenyi abasezingeni eliphezulu, abahlaziyi, abasebenza ngobuchwepheshe abasebenza ngokubambisana nehhovisi likaMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi KwaZulu-Natal. Siqoqe ubufakazi obubucayi obuhlanganisa abasolwa abanye abavele basesitokisini ngamanye amacala ahlobene nalawa kanti abanye basagcwele amathafa, amaphoyisa asezithendeni zabo, ” usho kanje.
Uthe ukuxhumana nemindeni ngalolu daba kunemikhawulo njengoba uphenyo lusesigabeni esibucayi, kanti ngokwenzenjalo akukhona ukuthi amaphoyisa awayinakile imindeni kodwa enzela ukuze ukuvikelwa kobufakazi kuleli cala.